Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:17 - IsiZulu 2020

17 Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula. Ngase ngibona ukuthi nalokho kwakungukufuna umoya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Nganikela inhliziyo yami ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuhlanya nobuwula;

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:17
14 Referans Kwoze  

Ngacabanga enhliziyweni yami ukuthi ngingazithokozisa kanjani ngewayini, ingqondo yami ibe iholwa ngukuhlakanipha, ukuze ngikwazi ukubamba ubuwula, ngize ngibone okuhle abantu abakwenza phansi komthunzi welanga ngezinsukwana zokuphila kwabo.


Vivinyani konke, nibambisise okuhle.


Ngase ngikuzonda ukuphila ngoba umsebenzi owenziwa phansi komthunzi welanga ungububi kimi. Konke kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Singcono isandla esisodwa esigcwele ukuthula, kunezimbili ezigcwele umshikashika, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Kungcono ukubona ngamehlo, kunokulangazelela kwenhliziyo; lokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo.


Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho, kwaba luhlupho emehlweni ami,


Ngokuba okuvelela abantu kuyafana nokwehlela izilwane; njengoba umuntu efa, kanjalo nesilwane siyafa. Konke kunomoya ofanayo, umuntu akazedluli izilwane, ngokuba konke kuyize.


Lapho ngifunisisa ngengqondo yami ukwazi ukuhlakanipha nokubona umsebenzi owenziwa emhlabeni umuntu engalali ubusuku nemini,


“Yize leze, konke kuyize,” kusho uMshumayeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite