Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UmShumayeli 1:13 - IsiZulu 2020

13 Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo.

Gade chapit la Kopi




UmShumayeli 1:13
22 Referans Kwoze  

Ngiwubonile umshikashika uNkulunkulu awunike abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Ngizinikele ngenhliziyo yami yonke ukwazi ukuhlakanipha nokwazi ubuwula nobuthutha. Ngithole ukuthi konke lokho kufana nokubamba utalagu.


Yenza lezi zinto, uzinikele kuzo, ukuze ukuqhubekela phambili kwakho kubonwe yibo bonke.


Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.


Umqondo wami ngawuguqulela ekwazini ekufuneni, nasekuphenyisiseni izinto zonke, nokwazi ububi bobuwula, nokuthi ubuwula bungukuhlanya.


Konke lokhu ngakubona ngesikhathi ngicabangisisa ngengqondo yami zonke izinto ezenzeka phansi komthunzi welanga. Kunesikhathi lapho umuntu ebusa abanye, kube ngukulimala kwakhe.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ngokuba uNkulunkulu umupha ukuhlakanipha, nokuqonda nentokozo umuntu omthokozisayo, kodwa isoni usinika umsebenzi wokuqokelela nokumbondela, ukuze siwunike lowo othokozisa uNkulunkulu. Nalokho kuyize, kufana nokubamba utalagu.


Ngokuba zonke izinsuku zakhe zinobuhlungu, nomsebenzi wakhe uwusizi; nasebusuku ingqondo yakhe ayikutholi ukuphumula. Nalokho kuyize.


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Inhliziyo ehlaziyayo izuza ulwazi, nendlebe yohlakaniphileyo ifuna ulwazi.


Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe; umelana nakho konke ukuhlakanipha okungqokolo.


Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo, zuza ukuqonda.


Mikhulu imisebenzi kaSimakade, bazindla ngayo bonke abayithokozelayo.


Abavukuzi bayabuqeda ubumnyama, bacingisise amatshe emajukujukwini nasesigayegayeni sobumnyama.


Konke ukwenze kwafanela isikhathi sakho, ngaphezu kwalokho wabeka ukulangazelela iphakade ezinhliziyweni zabantu, kodwa abakwazi ukuyazi imisebenzi kaNkulunkulu kusukela ekuqaleni kwayo kuze kube sekugcineni kwayo.


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Njengalokhu ungazi ukuthi umphefumulo ungena kanjani emathanjeni esibelethweni sowesifazane okhulelweyo, kanjalo kawuwazi umsebenzi kaNkulunkulu owenza izinto zonke.


Kuludumo kuNkulunkulu ukusibekela izinto, kodwa kuludumo lwamakhosi ukuphenyisisa udaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite