Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:2 - IsiZulu 2020

2 Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Umuntu omuhle ubhubhile emhlabeni, abekho oqotho phakathi kwabantu; bonke bafuna igazi; bazingela, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:2
29 Referans Kwoze  

Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu.


Olungileyo uyabhubha, akekho okubeka enhliziyweni lokho; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa enhlekeleleni,


“Ababi bafunyanwa phakathi kwabantu bami, bayaqamekela njengabacupha inyoni, babeke ugibe, ukuba babambe abantu.


Izinyawo zabo zigijimela ebubini; bayashesha ukuchitha igazi elingenacala; imicabango yabo iyimicabango yenkohlakalo; incithakalo nokubhujiswa kugcwele ezindleleni zabo.


uma zithi kuwe: “Woza, hamba nathi ukuze sibalalele unyendle, ngaphandle kwesizathu, sichithe igazi labangenacala!


“Ngokuba, niyabona, ngizakuthumela abadobi abaningi babadobe,” usho kanje uSimakade, “ngithumele nabazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo wonke amagquma, nasemifantwini yamadwala.


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


nina enakha iZiyoni ngokuchitha igazi, neJerusalema ngokuhlanekezela ubulungiswa.


Izitha zethu zasizingela nomaphi lapho sibalekela khona, sasingasakwazi ukuhamba emigwaqweni yakithi. Isiphetho sethu sase sisondele, nezinsuku zethu sezibaliwe, nokuphela kwethu kwase kufikile.


Umgodla waso ufana nethuna elivulekileyo; sonke singamaqhawe.


Amazwi ezikhohlakali aqamekela ukuchitha igazi, kepha umlomo wabaqotho uyabahlenga.


Izinyathelo zami bazicuphe ngogibe, umphefumulo wami udangele, bangimbele umgodi, kwakhalakathela bona kuwo. Sela


Ngalokho igazi lami malingaweli emhlabathini ngikude noSimakade, ngokuba inkosi yakwa-Israyeli iphumele ukufuna intwakumba eyodwa, njengalokhu umuntu ezingela intendele ezintabeni.”


Sicuthisa okwebhubesi elilambile ehlozini, sethembe ukubamba ohluphekileyo, simhudulele ogibeni lwaso.


Ngentukuthelo kaSimakade Wamabandla, izwe lashiswa; abantu bafana nenswani, badliwe ngumlilo, akwababikho ophephisa umakhelwane wakhe.


Ngiqaphelisisile, ngezwa; abalikhulumi iqiniso; akekho ophendukayo ebubini bakhe, ethi: “Ngikwenzeleni lokhu na?” Bonke bazihambela ezindleleni zabo, njengamahhashi ephulukundlela empini.


Bamukele umfumbathiso kuwe ukuba bachithe igazi, wena wathatha inzalo nenzuzo, waphanga omakhelwane bakho ngokubacindezela, kodwa wangikhohlwa Mina, kusho iNkosi uSimakade.


“ ‘Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Maye, kumuzi ochitha igazi, ibhodwe elinokugqwala, nokugqwala kwalo okungasukanga kulo! Khipha kulo isitho nesitho, nakuba ungadliwanga wunkatho.


“Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.


Akukapholi maseko abantu bami sebephenduke isitha; bahlubula ingubo esembathweni salabo abadlula bethi baphephile, bebuya empini.


Kodwa nina nizonda okuhle, nithande okubi, nebula isikhumba sabo nibasuse inyama emathanjeni abo.


Angisayukuzizwela futhi izakhamuzi zezwe,” kusho uSimakade. “Kodwa bheka nje, ngiyakunikela abantu kube yilowo nalowo esandleni somakhelwane wakhe, esandleni senkosi yakhe. Bayakulicindezela izwe, kepha angiyukubahlenga esandleni sabo.”


Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma.


Abantu bayocindezelana; yilowo nalowo acindezele omunye, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe; izingane ziyokwedelela abadala, nabantukazana badelele izikhulu.


Njengeqembu labaphangi lilalele umuntu unyendle, kanjalo neqembu labaphristi liyabulala endleleni eya eShekhemu, impela benza inkohlakalo.


NabaJuda bakuvuma lokho, bathi kunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite