Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 7:10 - IsiZulu 2020

10 Isitha sami siyakukubona, sikhungathwe ngamahloni, leso ebesithi kimi: “Uphi uSimakade uNkulunkulu wakho na? Amehlo ami ayakusibona, manje siyakunyathelwa njengodaka emigwaqweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Khona isitha sami siyakubona, simbozwe amahloni esasithi kimi: ‘Uphi uJehova uNkulunkulu wakho? amehlo ami ayakumbheka; manje liyakunyathelwa phansi njengodaka lwezitaladi.

Gade chapit la Kopi




UMikha 7:10
42 Referans Kwoze  

Bayakuba njengamaqhawe enyathela udaka emigwaqweni lapho kuliwa. Bayakulwa, ngokuba uSimakade ungakubo, bathelwe ngehlazo abagibeli bamahhashi.


Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami, nxa izitha zami zingiklolodela, zithi kimi usuku lonke: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Abaphristi, izikhonzi zikaSimakade, mabakhale phakathi kompheme ne-althare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Simakade, ungalenzi ifa lakho libe yinto yokuthukwa nenhlekisa, kungani kufanele bathi phakathi kwabezizwe: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


Makuthi bonke labo abathabela okubi okungehlele, bahlazeke, badumale. Makuthi labo abazikhukhumeza ngami, bathelwe ngehlazo, bajabhe, balulazeke.


Ngibacolisisa okothuli lupheshulwa yisiphepho, ngibashabalalisa okodaka emgwaqweni.


Ngabashaya ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabadovadova njengodaka emgwaqweni.


Manje izizwe eziningi zihlangene ngawe, zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu mawaligqolozele iZiyoni.”


“Sijabhile, ngokuba sithukiwe; ubuso bethu buthelwe ngehlazo, ngokuba abafokazi bangene ezindaweni ezingcwele zendlu kaSimakade.”


Kungani abeziwe bethi phambi kwamehlo ethu: “Ukuphi uNkulunkulu wabo na?” Ukuphindiselelwa kwegazi lezinceku zakho elichithekileyo makwaziwe kwabezizwe.


Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”


Niyakugxoba abangalungile, ngokuba bayakuba wuthuli phansi kwezinyawo zenu ngosuku engiyakukwenza ngalo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Niyakuzibonela nina ngawenu amehlo, qede nithi: ‘Mkhulu uSimakade, kuze kudlulele nangale kwemingcele yakwa-Israyeli.’


Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, igekle, ihabhu, umqangala, ugubhu, igemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwayo, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngaso leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu onganophula esandleni sami na?”


“Ngiyakuziphindiselela kulo iBhabhele, nakubo bonke abakhileyo eKhalideya, ngakho konke okubi abakwenze eZiyoni, nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.


Kungani abezizwe bethi: “Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesembatho.


Olungileyo uyojabula uma ebona impindiselo, uyogeza izinyawo zakhe egazini lababi,


Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku, ngokuba usuku lonke bathi kimi: “Uphi uNkulunkulu wakho na?”


Bayakubhinca indwangu eyisaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni babo bonke, amakhanda abo bonke abe yizimpandla.


“Ngimvusile enyakatho, futhi usefikile, kusukela ekuphumeni kwelanga, uyakubiza iGama lami; uyakwehlela phezu kwababusi njengaphezu kodaka, nanjengombumbi exovaxova ibumba.


Kodwa kwakungafanele uthokoze ngosuku lomfowenu mhla evelelwa yishwa. Kwakungafanele ujabule mayelana nabantu bakwaJuda ngosuku lokubhujiswa kwabo. Kwakungafanele ubhuqe ngomlomo wakho ngosuku losizi.


Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.


AmaKhanani nabo bonke abakhileyo kuleli lizwe bazokuzwa ngalokhu bese beyasizungeza, balishabalalise igama lethu emhlabeni. Uyakulenzelani-ke igama lakho elikhulu kangaka, na?”


Olungileyo uhluma njengesundu, akhule njengomsedari eLebhanoni.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


“Ngokuba bheka, ngizakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe, udelelwe phakathi kwabantu.


USimakade usisusile isigwebo sakho, wasixosha nesitha sakho. INkosi yakwa-Israyeli, uSimakade, iphakathi kwakho, awusayukwesaba futhi okubi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite