Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:7 - IsiZulu 2020

7 Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqama nezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova uyakuthokozela izinkulungwane zezinqama noma amashumi ezinkulungwane zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami ngenxa yesiphambeko sami, isithelo somzimba wami ngenxa yesono somphefumulo wami na?

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:7
29 Referans Kwoze  

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waze wadabulisa nendodana yakhe emlilweni, njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Ngokuba awuwuthandi umhlatshelo, noma bengizakukunika umnikelo wokushiswa, ubungayukuthokoza ngawo.


USamuweli wathi: “USimakade uyayenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaSimakade na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


Ngokuba Mina ngifuna ukwethembeka, hhayi umhlatshelo, nolwazi ngoNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.


Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


Angiyukuthatha nkunzi endlini yakho, nampongo ezibayeni zakho,


Yangcolisa iThofethi esigodini sabantwana bakwaHinomu ukuze kungabe kusaba bikho odabulisa indodana noma indodakazi yakhe emlilweni kaMolokhi.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


Inkosi yathatha izibulo layo okuyilona elalizobusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo ukuba libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. Leso senzo sabacunula kakhulu abakwa-Israyeli, basuka lapho babuyela ezweni lakubo.


ILebhanoni alanele ukushisa, nezilwane ezikulo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Ngimthumele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


Impela noma ninganikela kimi ngeminikelo yokushiswa neyokusanhlamvu, ngeke ngiyamukele; ngiyoyishaya indiva iminikelo yenu yokuthula yamathole akhuluphalisiweyo.


Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphinge nezithombe zabo, kwathi abantwana abangizalela bona babadabulisa emlilweni, baba ngukudla kwazo.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali, ukuze bashise ngomlilo amadodana abo, abe yiminikelo yokushiswa kuBhali, engingakuyalanga, engingakhulumanga ngakho nokungangenanga enhliziyweni yami.


lapho izinyathelo zami zazigezwa ezaqheqheni, nedwala elaliseduze kwami lalingithelela imifula yamafutha.


Ekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise, owenza kuyo njengokwesifungo sakhe ayesenzile; yayingakaze ilale nandoda. Kwabe sekuvela isimiso kwa-Israyeli sokuba,


kuyothi noma yini eyophuma emnyango wendlu yami izongihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantu bakwa-Amoni, kube ngokukaSimakade, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Ukwenza ukulunga nobulungiswa kuyathandeka kuSimakade, ngaphezu kwemihlatshelo.


Umbono ka-Izaya, indodana ka-Amozi, awubona maqondana noJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, uJothamu, u-Ahazi noHezekiya; amakhosi akwaJuda.


Bayakuhamba nomhlambi wabo wezimvu nowezinkomo ukuyofuna uSimakade, kodwa abayukumfumana, ngokuba usesukile kubo.


IZiyoni lenzele okuhle ngokomusa wakho, uzakhe izingange eJerusalema.


Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite