Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:2 - IsiZulu 2020

2 Zwanini zintaba udaba lukaSimakade, nazi zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uSimakade unodaba ngabantu bakhe, uzakuqagulisana no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Zwanini, zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinileyo, ngokuba uJehova unokuphikisana nabantu bakhe, uyakumelana nabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Zwanini nina zintaba, ukuphikisana kukaJehova, nani zisekelo zomhlaba eziqinile, ngokuba uJehova ubambene nabantu bakhe; uyakulwa no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:2
19 Referans Kwoze  

USimakade uthwesa uJuda icala, uyakumjezisa uJakobe ngokwezindlela zakhe, akhokhise kuye ngokwezenzo zakhe.


Yizwani izwi likaSimakade nina bantu bakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade umangalela izakhamuzi zezwe, phela akukho kwethembeka, naqiniso, nalwazi ngoNkulunkulu ezweni.


“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


Umhlaba uwumise phezu kwezisekelo zawo, ukuze unganyakaziswa kuze kube phakade naphakade.


Kwembulwa izisekelo zolwandle, nezisekelo zomhlaba zabonakaliswa ngenxa yokuthetha kukaSimakade, nokufutha kwamakhala akhe.


Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Uma amazulu phezulu engake alinganiswe, nezisekelo zomhlaba emajukujukwini ziphenyisiswe; kulapho-ke Mina ngiyobalahla khona bonke abozalo luka-Israyeli, ngakho konke abakwenzileyo,” kusho uSimakade.


Ukukhamuluka kufinyelele emikhawulweni yomhlaba, ngokuba uSimakade uyaphikisana nezizwe; uzakwehlulela abantu bonke, kodwa ababi uyakubanikela enkembeni,’ ” kusho uSimakade.


“Ngakho-ke ngizophikisana nani,” kusho uSimakade, “ngiyakuphikisana nanabantwana babantwana benu.


Ngikhumbuze, masiqagulisane, lubeke udaba lwakho, ukuze kubonakale ukuthi awunacala.


“Manje-ke, nina enakhe eJerusalema nani nonke kwaJuda, ake nehlulele phakathi kwami nesivini sami.


lapho emisela ulwandle umkhawulo, ukuze amanzi angeqi umyalo wakhe; lapho emisa izisekelo zomhlaba,


“Umhlaba wawusuzamazama, wandindizela; izisekelo zezulu zathuthumela, zaqhaqhazela, ngokuba ethukuthele.


ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngufakazi ngani namuhla, ukuthi niyakuqothulwa niphele masinyane ezweni eniwela iJordani ukuba nilidle. Izinsuku zenu aziyukwanda kulo, niyakuqothulwa nokuqothulwa.


USimakade umele isikhundla sakhe, ukuthetha icala, ehlulela izizwe.


Ake nizwe okushiwo nguSimakade, ethi: “Sukuma umangalele izintaba, amagquma mawalizwe iphimbo lakho.


Esesibelethweni wabamba umfowabo ngesithende, esenamandla wabambana noNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite