Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:16 - IsiZulu 2020

16 Izimiso zika-Omri ziyalandelwa, nayo yonke imisebenzi yendlu ka-Ahabi nihambe ngayo, ngokwamacebo abo, ngalokho-ke ngiyakunenza incithakalo, nezakhamuzi into enximfelwayo, niyakuthwala ihlazo labantu bami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi; nihamba ngamacebo abo; ngalokho ngiyakunenza incithakalo nabakhileyo khona into encimfelwayo; niyakuthwala ihlazo labantu bami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Izimiso zika-Omri ziyagcinwa, nazo zonke izenzo zendlu ka-Ahabi, nihambe ngamacebo abo; ukuba ngikwenze ihlane nabakhileyo kulo babe yinhlekisa; ngakho-ke kufanele uthwale ihlazo labantu bami.

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:16
31 Referans Kwoze  

“Sijabhile, ngokuba sithukiwe; ubuso bethu buthelwe ngehlazo, ngokuba abafokazi bangene ezindaweni ezingcwele zendlu kaSimakade.”


Kepha abalalelanga, abayibekanga indlebe yabo kwengikushoyo, kodwa bahamba ngokobulukhuni benhliziyo yabo embi; bahlubuka, bahlehlela emuva, abaze baqhubekela phambili.


Lo muzi ngiyakuwenza ube yincithakalo nento enximfelwayo; bonke abadlula kuwo bayakumangala, banximfe ngenxa yazo zonke izinhlupheko zawo.


Ukufa kuyokugwinywa kuze kube phakade. INkosi uSimakade iyokuzesula izinyembezi ebusweni bonke, isuse ihlazo labantu bayo emhlabeni wonke ngokuba uSimakade ukhulumile.


Usenze isethuko komakhelwane bethu, inhlekisa nendumalo kwabasiphahlileyo.


“ ‘Kepha enginakho okungihluphayo ngawe, ukuthi uvumela owesifazane uJezebheli, lo ozibiza ngomphrofethikazi, ukuba afundise, adukise izinceku zami ukuze zifebe, futhi zidle okuhlatshelwe izithombe.


U-Efrayimi ucindezelwe, uchotshoziwe ngokwehlulelwa, ngokuba wazimisela ukulandela umyalo oyize.


Nkosi, ngakho konke ukulunga kwakho mawubuyise intukuthelo yakho nokufutheka kwakho emzini eJerusalema, intaba yakho engcwele, ngokuba ngenxa yezono zethu nangobubi bokhokho bethu iJerusalema nabantu bakho sebeyihlazo kubo bonke abasizungezileyo.


Bayakulikhohlwa ihlazo labo, nakho konke ukungethembeki kwabo abakwenze kimi, lapho sebehleli ngokulondeka ezweni lakubo, kungekho muntu obesabisayo,


Khumbula Simakade, okusehleleyo! Bheka, ubone ihlazo lethu!


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni esenyakatho,” kusho uSimakade, “noNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, inceku yami. Ngiyakubaletha kuleli lizwe nakwabakhileyo kulo, nakuzo zonke lezi zizwe ezibazungezileyo, ngibabhubhise baphele nya, ngibenze ezibukwayo, into enximfelwayo nencithakalo yaphakade.


Labo abahola laba bantu bayabadukisa, nalabo abaholwayo badidekile.


Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo,


ngokuba bangihlubukile, bayoshisela abanye onkulunkulu impepho, bachukuluza ulaka lwami ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo. Intukuthelo yami ezakuthululelwa kule ndawo ayiyukucinywa.’


Wabuye wazakha izindawo eziphakemeyo ezazibhidlizwe nguyise uHezekiya, wamisela uBhali i-althare, wagxumeka izigxobo zika-Ashera njengoba kwakwenze u-Ahabi, inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulona lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waze wadabulisa nendodana yakhe emlilweni, njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


ngokuba kwathi lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, u-Obhadiya wabathatha abaphrofethi abayikhulu, wabafihla ngama-50 emgedeni ngamunye, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Nakuba le ndlu iphakeme kangaka, kodwa bonke abayodlula ngakuyo bayomangala, banximfe, bathi: ‘USimakade wenzeleni okunje kuleli lizwe nakule ndlu na?’


iJerusalema, imizi yakwaJuda, namakhosi alo, nezikhulu zalo, ukuba ngikubhubhise kube yincithakalo, into enximfelwayo neqalekisiweyo, njengoba kunjalo namuhla.


Ngiyakubalandela ngenkemba, ngendlala nangobhubhane, ngibenze into esabisayo emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, incithakalo, into enximfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Kepha u-Efrayimi umchukuluze ngokwedlulele; icala lakhe lokuchitha igazi liyakuba phezu kwakhe, iNkosi yakhe imthele ngehlazo lakhe.


“Ningaphrofethi,” baphrofetha, bathi: “Akufanele niphrofethe ngalokho; asiyukuthelwa ngehlazo.


Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengendlu ka-Ahabi, ngokuba yibona ababemeluleka emveni kokukhothama kukayise, okwaba yimbangela yokubhujiswa kwakhe.


Usenze isaga kwabezizwe, banikina amakhanda phakathi kwabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite