Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 6:15 - IsiZulu 2020

15 “Uyakutshala, kodwa ungavuni; uyakugxoba iminqumo, kepha ungazigcobi wena ngamafutha, ukhame izithelo zomvini, kodwa wena ungaliphuzi iwayini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Uyakutshala, ungavuni kodwa; uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Uzahlanyela, kodwa kawuyikuvuna; kumelwe unyathele iminqumo, kodwa akumelwe uzigcobe ngamafutha; newayini elimnandi, kepha ungaliphuzi iwayini.

Gade chapit la Kopi




UMikha 6:15
14 Referans Kwoze  

Ingcebo yabo iyakuba yimpango, nezindlu zabo zibe yincithakalo. Bayakukwakha izindlu, kodwa abayukuhlala kuzo, bayakutshala izivini, kepha abayukuliphuza iwayini lazo.


“Ngakho-ke ngenxa yokuthi nicindezela abampofu, nithathe kubo ngenkani okusanhlamvu, noma ningakha izindlu ngamatshe abaziweyo, kodwa aniyukuhlala kuzo, noma ningatshala izivini ezinhle, kepha aniyukuliphuza iwayini lazo.


Bahlwanyela ukolo, bavune ameva; bazikhandlile, kodwa abazuzanga lutho. Yebo, dumalani ngenxa yezithelo zenu ngenxa yokuvutha kolaka lukaSimakade.”


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


Isithukuthuku senu siyophelela obala; izwe lenu aliyukuthela lutho, nemithi ekulo ayiyukuthela zithelo.


Ngokuba kulokhu liqinisile izwi elithi: ‘Omunye uyahlwanyela, omunye avune.’


mangitshale, kudle omunye, impela mazisishulwe izithelo zami.


Noma umkhiwane ungeqhakaze, nemivini ingabi nazithelo, nomsebenzi womnqumo ungaphumeleli, amasimi angabi nasivuno, kungabi bikho mhlambi wezimvu nezimbuzi esibayeni nazinkomo esibayeni,


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


Babekanisa eduzane nakwa-Israyeli baqothule isivuno sezwe kuze kuyofika komakhelwane eGaza, bangabashiyeli kudla kwa-Israyeli, wena zimvu, zinkabi, nazimbongolo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite