Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 5:2 - IsiZulu 2020

2 “Kepha wena Bhethlehema Efratha, nakuba ungomncinyane emindenini yakwaJuda, ngiyakuvusa oyakuvela kuwe, uyakuba ngumbusi kwa-Israyeli, ondabuko yakhe ngeyasemandulo, ezinsukwini zaphakade.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Kepha wena Betlehema Efratha, omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda, ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe, ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli, okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.

Gade chapit la Kopi




UMikha 5:2
57 Referans Kwoze  

“ ‘Nawe Bhethlehema, lizwe lakwaJuda awumncinyane kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuwe kuyakuvela umbusi oyakwelusa isizwe sami u-Israyeli.’ ”


Awushongo yini umbhalo ukuthi uKhristu uvela olibeni lukaDavide naseBhethlehema, emzaneni ayehlala kuwo uDavide na?”


Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.


Kuyakuvela ihlumela esiqwini sikaJese, kumile igatsha ezimpandeni zakhe, lithele.


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Yona ingaphambi kwakho konke, zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo.


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


UDavide wayeyindodana yomEfrathi waseBhethlehema Juda, ogama lakhe kunguJese. UJese wayenamadodana ayisishiyagalombili; wayesengumuntu omdala ngesikhathi sikaSawule.


Lapho ngisesendleleni ngivela ePhadani Aramu, uRaheli wafela eKhanani kuselibangana ukufinyelela e-Efratha, ngase ngimngcwaba khona lapho eceleni kwendlela eya e-Efratha,” (eliyiBhethlehema).


Lokho okwakukhona kwasekuqaleni, esakuzwa, sakubona ngamehlo ethu, sakubheka, sakuphatha ngezandla zethu, okwezwi lokuphila.


UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade.


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


Bonke abantu ababelapho esangweni, namalunga, basho ngazwi linye bathi: “Singofakazi. Sengathi uSimakade angamenza lona wesifazane ozohlala endlini yakho abe njengoRaheli noLeya, bobabili abayakha indlu ka-Israyeli. Sengathi ungaba nempumelelo e-Efratha ube nodumo eBhethlehema.


URaheli wafa, wangcwatshwa ngasendleleni eya e-Efratha, okuyiBhethlehema.


Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi.


“Ngalolo lusuku ngiyakuvusa idokodo eliwile likaDavide, ngivale imifantu yalo, ngivuselele kabusha okuwileyo, ngilakhe kabusha njengasezinsukwini zasemandulo,


Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.


Ngokuba yakhula njengehlumela phambi kwakhe, nanjengempande emhlabathini owomileyo; yayingenasimo nabuhle ukuba siyibuke, yayingabukeki ukuba siyifune.


Kodwa nina namhlanje nimlahlile uNkulunkulu wenu, owanisindisa ezingozini zonke, nasezinsizini, nithe kuye: ‘Beka inkosi phezu kwethu, isibuse.’ “Ngakho-ke manje, yimani phambi kukaSimakade ngokwezizwana zenu nangemindeni yenu.”


Kwakukhona nombhalo phezu kwekhanda lakhe, othi: LO YINKOSI YABAJUDA.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.”


Noma uJuda wayenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa.


uPhenuweli, wayenguyise kaGedori, u-Ezeri kunguyise kaHusha. Yilabo-ke ababengabakaHure, izibulo lika-Efratha, uyise kaBhethlehema.


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


Wayesethi kimi: “Sekwenzekile. Ngingu-Alfa no-Omega, ukuqala nokugcina. Owomileyo ngiyakumphuzisa ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.


“Nakuyo ingelosi yebandla laseSimirna loba ukuthi: “ ‘Nakhu akushoyo ongowokuqala nowokugcina, owayefile kodwa osephila, uthi:


Sizwile ngakho sise-Efratha, sakuthola emasimini eJari.


Amadodana kaSalima: kwakunguBhethlehema, uNethofa, u-Atharothi Bhethi Jowabe, nengxenye yamaManahathi, amaZori.


Hlolani, nizazi zonke izindawo lapho ecasha khona, bese nibuya nize kimi nodaba olunesiqiniseko. Mina ngizohamba nani, uma esezweni, ngiyomfuna phakathi kwezinkulungwane zabakwaJuda.”


Uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi. Ubheke ukuthi basaphila kahle yini abafowenu, ungibuyele nobufakazi.”


“Ngase ngithatha izinhloko ngokwezizwana zenu, amadoda ahlakaniphileyo naziwayo, ngawamisa aba yizinduna zenu: aba yizinduna zezinkulungwane, izinduna zamakhulu, izinduna zama-50, izinduna zamashumi, neziphathimandla ezizwaneni zenu.


iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zama-50, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zempi nempahla yezinqola zayo.


UMose wakhetha amadoda anekhono phakathi kwabakwa-Israyeli, wawabeka aba yizinduna zabantu, aba yizinduna phezu kwezinkulungwane, phezu kwamakhulu, phezu kwama-50, naphezu kweshumi.


UJesu esezelwe eBhethlehema eJudiya ngezinsuku zokubusa kukaHerode inkosi; bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zathi:


Bathutha eBhethele. Kuthe kuselibangana ukuba bafike e-Efratha, uRaheli wabeletha emveni kokuhelelwa kanzima.


Kwakukhona insizwa eBhethlehema kwaJuda, ingeyesizwana sakwaJuda. YayingumLevi, igogobele lapho.


Ngezinsuku lapho kusaphethe abehluleli, kwaba khona indlala enkulu ezweni. Indoda ethile yaseBhethlehema kwaJuda nomkayo namadodana ayo amabili, basuka bayohlala kwaMowabi.


Bheka, ngimenze abe ngufakazi kubantu, umholi nomyali wabantu.


Masimazi, siphokophelele ukumazi uSimakade; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengentathakusa, uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yasentwasahlobo ematisa umhlaba.


“Vuka nkemba, umelane nomelusi wami, umelane nomuntu ongumgani wami. Shaya umelusi, ukuze kuhlakazeke izimvu, ngiyakuphendulela isandla sami kumawundlu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


Yobayoba ezinhlungwini, uzale, ndodakazi yaseZiyoni, njengowesifazane obelethayo, ngokuba manje uyakuphuma uphele kulo muzi, uyakuhlala endle, uye naseBhabhele, kulapho uyakukhululwa khona; uSimakade uyakukuhlenga esandleni sezitha zakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite