Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 4:4 - IsiZulu 2020

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; futhi akukho muntu oyobathusa, ngoba umlomo kaJehova Sebawoti ukukhulumile.

Gade chapit la Kopi




UMikha 4:4
25 Referans Kwoze  

“ ‘Ngalolo lusuku, yilowo nalowo uyakumema umakhelwane wakhe, phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Bayakulikhohlwa ihlazo labo, nakho konke ukungethembeki kwabo abakwenze kimi, lapho sebehleli ngokulondeka ezweni lakubo, kungekho muntu obesabisayo,


Kodwa uma nenqaba, futhi nihlubuka, niyodliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Uyakumiswa ngokulunga; ube kude nokucindezelwa, ngokuba awuyukwesaba, novalo luyoba kude nawe.


Azisayukuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyukuzidla, kepha ziyakuhlala ngokulondeka, zingesatshiswa muntu.


khona uyakuzijabulisa kuSimakade, ngiyokukhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba udle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.


Inkazimulo kaSimakade iyobonakaliswa, bonke abantu bayakuyibona kanyekanye ngokuba umlomo kaSimakade ukhulumile.”


Uyakuthi: Ngiyakwenyukela ezweni elinemizana engabiyelwe, ngiye kwabazinzileyo abahlala belondekile, bonke abahlala lapho kungenalugange khona, kungekho migoqo namasango,


“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


Simakade, bakufunile besosizini, bazethula kuwe ngemikhuleko lapho ubasola.


“ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.


Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.


Izintaba ziyakuletha impumelelo kubantu, namagquma, ukulunga.


Imizi e-Aroweri iyakushiywa ibe ngeyemihlambi; ibuthise khona, ingethuswa muntu.


“Ngalolo lusuku,” kusho uSimakade Wamabandla. “Isikhonkwane esasibethelwe endaweni eqinileyo siyobhoncuka, sikhishwe, siyowa kuthi nomthwalo obukuso unqunywe,” kusho uSimakade.


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani uxolo nami, niphume nize kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,


Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


Awuyukwesaba inhlekelele ezumayo, nokubhujiswa okulethwa yizikhohlakali,


Umsebenzi wokulunga uyokuba ngukuthula, umvuzo wokulunga ube ngukuthula nokulondeka kuze kube phakade.


Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi, abayakuyelusa; ayisayukwesaba, ayisayukuba naluvalo, futhi ayisekho eyolahleka kuyo,” kusho uSimakade.


Ngakho-ke uyakubakhaphela kuze kube yisikhathi sokuba okhulelweyo abelethe. Kuyakuthi lapho esebelethile, abafowabo abaseleyo babuyele kubantu bakwa-Israyeli.


Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite