Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:8 - IsiZulu 2020

8 Kodwa mina ngigcwele amandla ngoMoya kaSimakade, ubulungiswa nesibindi, ukuba ngitshele uJakobe ngesiphambeko sakhe no-Israyeli ngesono sakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova, nobulungisa namandla, ukuze ngishumayele kuJakobe isiphambeko sakhe, no-Israyeli isono sakhe.

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:8
28 Referans Kwoze  

“Memeza, ungazibambi, liphakamise izwi lakho njengecilongo, batshele abantu bami iziphambeko zabo, nendlu kaJakobe izono zayo.


futhi ukukhuluma nokushumayela kwami akubanga ngamazwi ahehayo obugagu, kodwa kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla,


“Wena ndodana yomuntu, chaza ngendlu kwabendlu yakwa-Israyeli ukuze babe namahloni ngobubi babo, bacabangisise ngesimo sayo.


“Ndodana yomuntu, lazise iJerusalema ngezinengiso zalo,


Ngiphuphuma amazwi ngaphakathi; umoya wami uyangiqhubezela.


ngokuba wayebafundisa njengonegunya, kungenjengezazimthetho zabo.


“Wena ndodana yomuntu uyakwehlulela, uyakuwehlulela yini umuzi ochitha igazi na? Nguwe oyakuwazisa zonke izinengiso zawo,


“Ndodana yomuntu uzakubehlulela yini, uzakubehlulela na? Bazise izinengiso zokhokho babo,


Umoya wawusungiphakamisa, wangisusa. Ngahamba nginomunyu nokuthukuthela emoyeni wami, isandla sikaSimakade sasinzima phezu kwami.


Lapho ngithi: “Angisayukumkhumbula, angisayukukhuluma egameni lakhe,” izwi lakhe linjengomlilo ovuthayo enhliziyweni yami, ovalelwe emathanjeni ami; ngikhathele ukulibamba, angikwazi.


Ngokuba namuhla ngikubekile ukuba ube ngumuzi obiyelweyo, insika yensimbi, izingange zethusi kulo lonke izwe, emakhosini akwaJuda nezikhulu zakhona, abaphristi bakhona nakubantu bezwe.


Ngakho-ke ngigcwele ulaka lukaSimakade, ngikhathele ukuzibamba. “Luthululele phezu kwabantwana emigwaqweni, nasemhlanganweni wezinsizwa, indoda nomkayo bayakubanjwa kanjalo abadala nabagugileyo.


uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo; wabaqamba ngokuthi ngoBhowanergesi okusho ukuthi bangozulu liyaduma;


UMoya weNkosi uSimakade uphezu kwami, ngokuba uSimakade ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo zaphukile, ukumemezela ukukhululwa kwabathunjiweyo, nokudedelwa kweziboshwa ejele.


Ngimemezele unyaka womusa kaSimakade nosuku lokuziphindiselela kukaNkulunkulu wethu, ngiduduze bonke abalilayo,


Abaphrofethi bakho bakutshele imibono engamanga newubuwula, abakuvezanga obala ukuphambuka kwakho ukuze uphenduke, ungayi ekuthunjweni. Bakutshele imibono engamanga neyinkohliso.


Wayesethi uSimakade kimi: “Ndodana yomuntu, uyakubehlulela yini o-Ohola no-Oholiba na? Batshele-ke ngezinengiso zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite