Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:4 - IsiZulu 2020

4 Ngakho-ke bayakukhala kuSimakade, kodwa akayukubaphendula. Uyakubafihlela ubuso bakhe ngaleso sikhathi, ngenxa yokwenza kwabo izenzo ezimbi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bayakukhuleka kuJehova, kepha akayikubalalela; Ngaleso sikhathi uyobafihlela ubuso bakhe, ngoba benze okubi ngezenzo zabo.

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:4
26 Referans Kwoze  

Uma niphakamisa izandla zenu, ngiyowafihla amehlo ami; ngisho ningenza imithandazo eminingi, angiyukuyilalela; izandla zenu zigcwele igazi.


khona bayakungibiza, kodwa angiyukuphendula; bayakungifunisisa, kodwa ngeke bangifumane,


Ngakho-ke ngizomelana nabo ngokuthukuthela kwami, iso lami aliyukubabheka ngesihawu, angiyukuba nasisa kubo, ngisho bangakhala, bamemeze ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyukubezwa.”


Bakhala, kodwa akubangabikho obasindisayo, bakhala nakuSimakade, kepha akaze abaphendula.


Ngokuba ukwehlulela akuyukuba nasihawu kulowo ongabanga nesihe; isihawu siyakunqoba phezu kokwehlulela.


Abaningi bayakuthi kimi ngalolo suku: ‘Nkosi, Nkosi, asiphrofethanga yini ngegama lakho, sakhipha amadimoni ngegama lakho, senza imisebenzi eminingi yamandla ngegama lakho na?’


Maye komubi! Kuzomhambela kabi, ngokuba kuyakwenziwa kuye lokho izandla zakhe ezikwenzileyo.


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazilaleli izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, enza intando yakhe, uyamlalela lowo.


Uma umninindlu esesukumile wavala umnyango, niyakuma ngaphandle, ningqongqoze emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ yena uyakuphendula, athi: ‘Anginazi ukuthi nivela kuphi.’


“ ‘Kwathi nakuba ebabiza, kodwa abalalelanga, kanjalo-ke nabo bayakungibiza, kepha angiyukubalalela,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


‘AmaKhaledi azofika agcwalise le ndawo ngezidumbu zabantu engababulala ngentukuthelo yami nangolaka lwami, ngokuba ngiwufulathele lo muzi ngenxa yabo bonke ububi bawo.


Abaphrofethi baphrofetha amanga, abaphristi babusa njengoba beyalwa ngabaphrofethi. Abantu bami bathanda khona lokho, kodwa bayokwenzenjani uma kufika ukuphela na?”


Ofulathelisa indlebe yakhe ekulaleleni umthetho nomkhuleko wakhe, uyisinengiso.


Ngalolo lusuku niyakukhala ngenxa yenkosi yenu enizikhethele yona, kodwa uSimakade akayukuniphendula ngalolo lusuku.”


UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa wusizi na?


Impela uNkulunkulu akakulaleli ukukhala okuyize, uSomandla akakugqizi qakala.


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwabo abangayukuphunyuka kuyo; bayakukhala kimi, kepha angiyukubezwa.


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Ababonayo bayakuba namahloni, ababhuli bahlazeke; bonke bayakubamba amadevu abo, ngokuba kungekho mpendulo evela kuNkulunkulu.”


Umhlaba uyakuba yincithakalo ngenxa yezakhamuzi zalo nangenxa yezenzo zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite