Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 3:2 - IsiZulu 2020

2 Kodwa nina nizonda okuhle, nithande okubi, nebula isikhumba sabo nibasuse inyama emathanjeni abo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 nina enizonda okuhle, nithanda okubi, enebula kubo isikhumba sabo, nenyama yabo emathanjeni abo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 ozonda okuhle futhi othanda okubi; eniklebhula isikhumba sabo kubo, nenyama yabo emathanjeni abo;

Gade chapit la Kopi




UMikha 3:2
32 Referans Kwoze  

Izikhulu zawo ezikuwo, zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuba zichithe igazi, zibaqede nya abantu, ukuze zithole inzuzo embi.


Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.


Abanakwazi yini abenza okubi, abadla abantu bami njengalokhu bedla isinkwa, bengakhuleki kuNkulunkulu na?


Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle.


Nibachobozeleni abantu bami, nafihliza ubuso babampofu na?” kusho iNkosi uSimakade Wamabandla.


UJehu, indodana kaHanani, umboni, waphuma wayomhlangabeza, wafike wathi enkosini uJehoshafathi: “Kungani usiza ababi, uthanda abazonda uSimakade na? Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade izokwehlela phezu kwakho.


U-Ahabi wayesethi ku-Eliya: “Ungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngenxa yokuba nguwena ozithengisile, wenza okubi emehlweni kaSimakade.


abangenalo uthando, abangavumi ukubuyisana, abahlebayo, abangenakuzithiba, abayizidlwangudlwangu, abazonda okuhle,


Bathi nakuba bezazi izimiso ezilungileyo zikaNkulunkulu zokuthi abenza lezi zinto bafanele ukufa, kabagcinanga nje ngokuzenza, kodwa babuye bavuna labo abazenzayo.


Bamemeza futhi bonke, bathi: “Hhayi lo muntu, kodwa uBharabha.” Nakuba uBharabha wayengumphangi.


Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


“Kepha abantu bezwe lakhe babemzonda, ngakho-ke bathumela amanxusa, amlandela, ukuba afike lapho, athi: ‘Asithandi ukuba lo abuse phezu kwethu.’


Izikhulu zawo zingamabhubesi abhodlayo, abehluleli bakhona bangamankentshane asebusuku, abashiyi lutho okwangomuso.


Nina nidla amanoni, nembathe uboya, nihlabe ezikhulupheleyo, kodwa izimvu anizelusi.


obenyanyayo abanengekayo, kepha ebazisa abesaba uSimakade; owenza isifungo asigcine, noma isimo singamvumeli;


Mina ngiyakukudalula ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyukukusiza.


“ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: Ababuleweyo bakini enibabeke kuwo bayinyama, futhi isebhodweni, kodwa Mina ngiyakunikhipha kuwo.


Faka kulo isitho senyama, isitho senyama enhle; umlenze nomkhono. Ligcwalise ngamathambo ekhethelo.


Akukapholi maseko abantu bami sebephenduke isitha; bahlubula ingubo esembathweni salabo abadlula bethi baphephile, bebuya empini.


Abathembekileyo bashabalele ezweni, akekho oqotho kubantu; bonke balala unyendle, bachithe igazi; yilowo nalowo uzingela umfowabo ngogibe.


Izandla zabo zenza kahle okubi. Isikhulu sinesicelo, umehluleli ubheka umfumbathiso; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; benze itulo ngalokho.


Maye kulabo abathi okubi kuhle, nokuhle kubi, labo abathi ubumnyama kungukukhanya, nokukhanya kungubumnyama; abathi okubabayo kumtoti, nokumtoti kuyababa!


Yizwani leli lizwi, nina zinkomo zaseBhashani enisentabeni eSamariya, enicindezela abampofu, niphathe kabi abantulayo, enithi emakhosini enu: “Lethani, siphuze.”


Zondani okubi, nithande okuhle; niqinise ubulungiswa esangweni, hleze uSimakade uNkulunkulu Wamabandla ayihawukele insali kaJosefa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite