Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 2:12 - IsiZulu 2020

12 “Impela ngiyakumqoqa wonkana uJakobe; ngiyihlanganise ndawonye ngempela insali yakwa-Israyeli, ngiyiqoqele ndawonye njengezimvu esibayeni, nanjengomhlambi phakathi edlelweni lawo, kube nokuxokozela kwabantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 “Ngiyakukubutha, Jakobe, wonke wakho; ngiyakuqoqa nokuqoqa insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabeka ndawonye njengezimvu zaseBosira, njengomhlambi phakathi kwedlelo lawo, kwenziwe ukukhamuluka okuvela kubantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngiyakunibutha, Jakobe, nonke; ngiyakubutha nokubutha insali yakwa-Israyeli; ngiyakubabutha njengezimvu zaseBhozira, njengomhlambi phakathi kwesibaya sawo;

Gade chapit la Kopi




UMikha 2:12
28 Referans Kwoze  

“Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kuyakuthi lapho indlu yakwa-Israyeli inginxusa ukuba ngiyenzele lokhu: ngiyakuyandisela abantu bayo, babe ngangezimvu.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Yelusa abantu bakho ngentonga yakho; umhlambi oyifa lakho, ohlala wodwa ehlathini phakathi eKharimeli; mawuklabe eBhashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasemandulo.


Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuSimakade, nanjengezihlambi otshanini ezingalindeli muntu, nezingahlaleli bantwana babantu.


Ngakho-ke ngiyakuthumela umlilo eThemani, uyakungqongqisa izinqaba eBhozira.”


Abantu bakwaJuda nabakwa-Israyeli bayakuhlangana ndawonye, bazikhethele inhloko ibe yodwa, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.”


Khuluma kubo, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngiyakubathatha abakwa-Israyeli ezizweni lapho baya khona, ngibaqoqe nxazonke, ngibayise ezweni lakubo.


“ ‘ “Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami, nabantu bami, Mina nginguNkulunkulu wenu,” ’ ” kusho uSimakade.


ngiyakuzisindisa izimvu zami, azisayukuba yimpango, bese ngehlulela phakathi kwezimvu nezimvu.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune.


“Mina, ngiyakuyiqoqa insali yezimvu zami emazweni wonke, lapho ngangiyixoshele khona, ngiyibuyisele emadlelweni ayo; iyakuchuma, yande.


USimakade unenkemba; igcwele igazi, izinonisile ngamanoni egazi lezimvana nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uSimakade uyanikela umhlatshelo eseBhozira, uyazihlabela kakhulu kwa-Edomi.


Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.


Kuyothi ngalolo lusuku, iNkosi ibuye yelule isandla sayo okwesibili ukubutha insali yabantu bayo e-Asiriya, eGibhithe, ePhathirosi, eKhushe, e-Elamu, eShineyari, eHamathi, naseziqhingini ezisolwandle.


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuhamba nendlu yakwa-Israyeli, ziyakubuya kanyekanye ezweni enyakatho, ziye ezweni engalinika okhokho benu ukuba libe yifa labo.


Kuthe ukuba akhothame uBhela, ubukhosi bathathwa uJobhabhu, indodana kaZera waseBhozira.


Izimvana ziyoklaba njengasemadlelweni azo, namazinyane adle encithakalweni yabacebileyo.


Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”


Wena mbhoshongo womhlambi, nqaba yendodakazi yaseZiyoni kuyakufika kuwe, impela kuyakufika ukubusa kwakuqala, umbuso kuwe ndodakazi yaseJerusalema.


Insali kaJakobe iyakuba sezizweni, kubantu abaningi, njengengonyama iphakathi kwezilwane zehlathi, nanjengewundlu lengonyama liphakathi komhlambi wezimvu, elithi uma lidabula phakathi kwawo, linyathele, linephunephuze, kungabi bikho ohlengayo.


UBhela wakhothama; kwabekwa uJobhabhi, indodana kaZera waseBhozira, esikhundleni sakhe.


Ngiyakuzikhipha ezizweni, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, bese ngizelusela ezintabeni zakwa-Israyeli, nangasemifuleni, nasezindaweni zonke okuhlalwa kuzo ezweni.


Ngaleso sikhathi ngiyakunibuyisa, lapho nginiqoqa, ngokuba ngiyakunenza nibe negama nodumo kubo bonke abantu bomhlaba, mhla ngiguqula ukuthunjwa kwenu nizibonela ngawenu amehlo,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite