Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:9 - IsiZulu 2020

9 Ngokuba izilonda zalo azelapheki, lokhu sekuze kwafika nakwaJuda, kwafinyelela nasesangweni labantu bami, eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngokuba amanxeba alo awanakuphulukiswa, lokhu sekufikile nakwaJuda, kufinyelela esangweni labantu bami naseJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba isilonda salo asinakuphulukiswa; ngoba lafika kuJuda; wafika esangweni labantu bami eJerusalema.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:9
15 Referans Kwoze  

Ngokuba abakhe eMarothi basezinhlungwini ezinzima, balindele okuhle, phela inhlekelele yehlile ivela kuSimakade, ifike esangweni eJerusalema.


Kungani ubuhlungu bami bungapheli, nenxeba lami lingelapheki na? Liyala ukuphola; impela kimi ufana nomfudlana okhohlisayo, nanjengamanzi angethembekile.


Amasango alo ayokhala, alile; liyakuba yize, liqumbeke phansi emhlabathini.


“Khuphukela kwaGileyadi, ubuthe ibhalisamu, wena ntombi, ndodakazi yaseGibhithe, uyisebenzisela ize imithi eminingi, ngeke waphulukiswa.


Ngakho-ke Mina ngiyakukugulisa ngokukushaya, ngikwenze incithakalo ngenxa yezono zakho.


Akukho ukwelashwa kokuphuka kwakho; isilonda sakho sinzima; bonke abezwa umbiko ngawe bashaya ihlombe, ngokuba ngubani obungadlulelanga njalo phezu kwakhe ububi bakho na?


Kwathi ngonyaka we-14 wokubusa kwenkosi uHezekiya, kwasuka uSanekheribhi, inkosi yase-Asiriya, wenyuka wahlasela yonke imizi yakwaJuda ebiyelweyo, wayidla.


Inkosi yase-Asiriya yathumela uRabi Shake, esuka eLakhishi, waya eJerusalema enkosini uHezekiya, enempi enkulu; wamisa ngasemseleni wechibi elingenhla, elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite