Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:2 - IsiZulu 2020

2 Yizwani nonke bantu, ulalele mhlaba nakho konke okukuwe, iNkosi uSimakade izofakaza imelene nani, iNkosi ivela ethempelini layo elingcwele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lalelani, zizwe zonke; lalela, mhlaba nakho konke okukuwo, iNkosi uJehova mayibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:2
33 Referans Kwoze  

Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


USimakade usethempelini lakhe elingcwele. Isihlalo sakho Simakade sisezulwini. Amehlo akho ayabona, ukubheka kwakho kuyabahlolisisa abantwana babantu.


“ ‘Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika ukuba adle kuwo umuthi wokuphila osePharadisi likaNkulunkulu.’


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kodwa uSimakade esethempelini lakhe elingcwele; thula phambi kwakhe, mhlaba wonke.”


“Lapho ngiphelelwa ngamandla ngamkhumbula uSimakade, umkhuleko wami wafinyelela kuwe, ethempelini lakho elingcwele.


Wena lizwe, lizwe, lizwe, yizwa izwi likaSimakade!


“Lalelani, bantu bami, ngizokhuluma, Israyeli, ngizomelana nani. NginguNkulunkulu, uNkulunkulu wakho.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.’


Onendlebe makezwe lokho uMoya akushoyo emabandleni.’ ”


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo ngiyakumnika okwemana efihliweyo, ngimuphe itshe elimhlophe, futhi kulotshiwe etsheni igama elisha elingaziwa muntu, kuphela lowo olemukelayo.’


“ ‘Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni. Onqobayo akasoze oniwa ngukufa kwesibili.’


Bese nibuza nithi: ‘Ngani na?’ Ngoba uSimakade ubengufakazi phakathi kwakho nonkosikazi wobusha bakho, wena ongethembekanga kuye, obewumngani wakho nonkosikazi wesivumelwano sakho.


ngokuba benza ubuwula kwa-Israyeli, baphinga nabafazi bomakhelwane babo, bakhuluma amazwi angamanga egameni lami engingabayalanga ngawo; yimi engikwaziyo lokho, ngingufakazi,” kusho uSimakade.


Yizwa wena mhlaba, bheka, ngiyakwehlisela inhlekelele phezu kwalaba bantu, isithelo samacebo abo, ngokuba abawalalelanga amazwi ami, nomthetho wami bawulahlile.


Ukuba bengilambile, bengingeke ngitshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke, nakho konke okukuwo.


UNkulunkulu uMninimandla wonke, uSimakade uyakhuluma, ubiza umhlaba kusukela ekuphumeni kwelanga lize liyoshona.


Yizwa izwi lokunxusa kwami, njengoba ngikhala kuwe, ngiphakamisela izandla zami endaweni yakho engcwelengcwele.


Umhlaba ungokaSimakade nakho konke okukuwo, izwe nabakhileyo kulo,


“Lalelani nina mazulu, ngiyakhuluma; umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.


Amalunga akwaGileyadi athi kuye: “USimakade uyokuba ngufakazi phakathi kwethu, impela sizokwenza njengalokhu usho.”


Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


Wayesethi uMikhaya: “Uma uyobuya ngempela uphephile, uyakube engakhulumanga ngami uSimakade.” Wathi futhi: “Yizwani nina bantu bonke.”


Nina nonke enakhile ezweni, nina nonke enihlezi emhlabeni, bhekani lapho sekuphakanyiswa ibhanela ezintabeni, nilalele lapho kukhala icilongo.


Ngokuba iNkosi uSimakade iyangisiza; ngakho-ke angizange ngithunazwe, ngalokho ubuso bami ngibumisile njengensengetsha, ngiyazi ukuthi angiyukujabha.


Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi.


“Ngiyanibiza nina bantu; izwi lami liqondiswe kubantwana babantu.


Labo abakhonza izithombe eziyize, bamfulathele uNkulunkulu othembekileyo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite