Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMikha 1:16 - IsiZulu 2020

16 Gunda ube yiphandla, ngenxa yabantwana obathandayo, uyandise impandla yakho njengenqe, ngokuba baya ekuthunjweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Zenzele-ze, uzikhethele wena kubantwana bakho onobubele; khulisa impandla yakho njengokhozi; ngoba bamukile kuwe ekudingisweni.

Gade chapit la Kopi




UMikha 1:16
18 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku iNkosi uSimakade Wamabandla wanibiza ukuba nikhale, nilile, niphuce amakhanda, nigqoke indwangu eyisaka,


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, ukhihle isililo emagqumeni aphakemeyo angamaqwaqwasi, ngokuba uSimakade ukwalile, usilahlile isizukulwane sentukuthelo yakhe.


UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


“Ngiyakuguqula amadili enu abe ngukukhala, namaculo enu wonke abe yisililo, ngiyakubhincisa zonke izinkalo zenu ngendwangu eyisaka, ngenze amakhanda abe zimpandla, kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwalokho kuyakufana nosuku olunomunyu.”


“Izikhulu nabantukazana bayofela kuleli lizwe, abayukungcwatshwa, abayukulilelwa. Abantu abayukuzisika, abayukuwaphuca amakhanda ngenxa yabo,


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu eyisaka, uzigingqe emlotheni, ulile sengathi ulilela indodana eyodwa, ukukhala okulusizi, ngokuba umbhubhisi uzotheleka phezu kwakho masinyane.


Bayokhuphukela ethempelini; iDibhoni lenyukele ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala. AbakwaMowabi bayalila ngeNebho nangeMedebha; wonke amakhanda ayizimpandla, nezilevu zonke ziphuciwe.


Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kukaHosheya, inkosi yase-Asiriya, yalinqoba iSamariya, yathumba u-Israyeli, yamyisa e-Asiriya, yambeka eHala, eHabhori ngasemfuleni iGozani nasemizini yamaMede.


Uyakuzala amadodana namadodakazi, kodwa awayukuba ngawakho, ngokuba ayakuthunjwa.


IGaza iyakuba nempandla, i-Ashikeloni lishabalele, wena nsali yensali yesigodi sabo, uyakuzisika kuze kube nini na?


Ngokuba u-Amose ukhulume kanje, wathi: “UJerobhowamu uyakufa ngenkemba, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.”


“Ngakholo-ke usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, amadodana namadodakazi akho ayakufa ngenkemba, nezwe lakho liyakulinganiswa ngentambo labiwe, wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe impela ezweni lakhe.’ ”


Ngalokho bhincani indwangu eyisaka, nikhale, nilile, ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.


Vuka umpongoloze ezinzulwini zobusuku, inhliziyo yakho uyithulule njengamanzi phambi kobuso beNkosi. Phakamisela izandla zakho kuyo, ukhulekele izingane zakho, ezibulawa yindlala emajikeni ayo yonke imigwaqo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite