Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 3:8 - IsiZulu 2020

8 “Umuntu angamqola yini uNkulunkulu na? Nokho niyangiqola. “Bese nibuza nithi: ‘Sikuqole kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho wangiphanga. Kodwa nithi: “Sikuphange ngani na? Kweshumi neminikelo.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 3:8
18 Referans Kwoze  

Bathi: “NgokaKhesari.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKhesari okukaKhesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


UJesu wathi kubo: “Nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye.


Mnikeni uSimakade udumo olufanele igama lakhe, mdumiseni uSimakade ebukhazikhazini bakhe obungcwele.


Wena othi makungaphingwa, uyaphinga yini na? Wena onyanya izithombe, awuwaphangi yini amathempeli na?


Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela; inkokhelo kofanele inkokhelo; ukwesaba kofanele ukwesatshwa; udumo kofanele udumo.


Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”


Niyasho futhi nithi: ‘Saze sakhathala bo! qede nilinximfele,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. “Niletha izilwane ezebiwe, eziqhugayo nezigulayo, nethule umnikelo, ngiyakukwemukela yini lokho esandleni senu na?” kusho uSimakade.


U-Israyeli wonile, usephulile isivumelwano engimmisele sona. Bathathile izinto eziqalekisiweyo, bebile, benza inkohlakalo, bazithathile lezo zinto bazihlanganisa nempahla yabo.


Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.


Yayisithi kimi: “Lesi yisiqalekiso esizokwehlela phezu komhlaba wonke, ngokuba ngokusho kwaso kulolu hlangothi bonke abantshotshayo bayakudingiswa, bese kuthi ngakolunye uhlangothi lwaso luthi bonke abafunga amanga bayakudingiswa.


Ngonyaka wesihlanu niyokudla izithelo zayo, ukuze ithele kakhulu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Ophanayo wandelwa yingcebo yakhe, kodwa oncishanayo uzibangela ubuphofu bodwa.


Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite