Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:6 - IsiZulu 2020

6 Imfundiso yeqiniso yayisemlonyeni wakhe, okungalungile akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wasusa abaningi esonweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi akufunyanwanga emlonyeni wakhe; wahamba nami ngokuthula nangokulunga, waphenduka kakhulu ebubini.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:6
27 Referans Kwoze  

Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.


okungafunyanwanga manga emlonyeni wabo; bengenasici.


Uma babemile emkhandlwini wami, bebeyokwenza abantu bami bawezwe amazwi ami, bebeyobanqanda endleleni yabo embi, nasezenzweni zabo zokukhohlakala.


ukuze uvule amehlo abo basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, baze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwalabo abangcweliswe ngokukholwa kimi.’ ”


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu, behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Zambuza-ke zathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhululma futhi ufundise okulungileyo, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokweqiniso.


Bathumela kuye abafundi babo nabakaHerode, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile, ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso, awubunaki ubunjalo bomuntu, ngokuba Wena awubheki buso bamuntu.


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha, ulimi lwakhe lukhuluma ubulungiswa.


Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


Bafika kuye, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, futhi awuzikhathazi ngokuthi abantu bathini. Ngokuba awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso. Ngabe kuvunyelwe yini ukuthela intela kuKhesari noma qha na? Sithele yini noma singatheli?”


Bafundisa uJakobe izehlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-althare lakho.


“NgoLevi wathi: ‘IThumimi lakho ne-Urimi lakho makuye kothembekileyo wakho, owamvivinya eMasa, owaphikisana naye ngasemanzini eMeribha,’


owathi ngoyise nonina: ‘Angibabonanga,’ wangabanaka abafowabo, akaze abanakekela abantwana bakhe. Ngokuba baligcina izwi lakho, basigcina isivumelwano sakho.


Mqaphele ongenasici, umbheke oqotho, ngokuba uyobona izizukulwane onokuthula.


Ukulunga kwakho kungukulunga okuphakade; umthetho wakho uyiqiniso.


Wena Simakade useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso.


Amadodana ka-Eli ayengabantu abakhohlakele; engamazi uSimakade.


Amasu nokwazi makukugcine, khona kuyakulonda izindebe zakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite