Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:3 - IsiZulu 2020

3 Niyabona-ke, ngiyakusola isizukulwane senu, ngithele umswane ebusweni benu, umswane wemikhosi yenu, niyiswe kude kanye nawo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Bheka, ngiyakuchitha inzalo yakho, ngithele umquba ebusweni bakho, yebo, ubulongwe bemikhosi yakho; futhi omunye uzokususa kanye nayo.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:3
16 Referans Kwoze  

Ngiyakuphosa phezu kwakho okunengekayo, ngikubukele phansi, ngikwenze ube yinhlekisa.


“Ngalokho-ke Mina nginenze nadeleleka, nathotshiswa phambi kwabo bonke abantu, ngoba ningazigcinanga izindlela zami, futhi niyenzelela emthethweni.”


Imbewu ibolile phansi kwamagade ayo; izangobo zibhidliziwe, izinqolobane zadilizwa, ngokuba okusanhlamvu kushazile.


Ngakho-ke ngizokwehlisela indlu kaJerobhowamu okubi, ngibhubhise kuJerobhowamu bonke abesilisa kwa-Israyeli, abancane nabadala; indlu kaJerobhowamu ngiyikhukhulise okobulongwe, ize iphele nya.


Kodwa inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyokushisela ngaphandle kwenkambu; kungumnikelo wesono.


Kuthi lapho sinyembenywa; thina siphendule kahle, sehlise umoya. Kuze kube namuhla, sithathwa njengezibi zomhlaba, nokungcola okuvela ezintweni zonke.


Awusakufanele ngisho ukusetshenziswa emhlabathini nasemqubeni, kepha ukuba ulahlwe ngaphandle. Onezindlebe zokuzwa makezwe.”


‘Bayowaneka elangeni nasenyangeni nakuzo zonke izinkanyiso zezulu, ababekuthanda, bekukhonza, bekulandela, bebuza kukho, futhi bekhuleka kukho. Awayukubuthwa, awayukwembelwa; ayakuba njengendle ebusweni bomhlaba.


ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba emhlabathini.


uyakubhubha kuze kube phakade, njengendle yakhe; abambonayo bayakuthi: ‘Ukuphi na?’


nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.


“Uyophuma nembewu eningi, uye ensimini, uvune okuyingcosana, ngokuba kuyodliwa yisikhonyane.


UNkulunkulu wenyuke ngenhlokomo, uSimakade ngokukhala kwecilongo.


Amasimu onakele, umhlabathi womile, ngoba okusanhlamvu kushaziwe; iwayini elisha lihwamukile, namafutha amasha ashabalele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite