Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 2:13 - IsiZulu 2020

13 “Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi lokhu nikwenzile ngokusibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, ngokukhala nangokumemeza, ukuze angabe esabanaka umhlatshelo, angawemukeli ngokuthokoza esandleni senu.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 2:13
15 Referans Kwoze  

Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Ngabuye ngabona konke ukucindezela okwakwenziwa phansi komthunzi welanga. Bheka, izinyembezi zabacindezelwe bengenabani wokubaduduza! Uhlangothi lwabacindezeli lwalunamandla, kanti nalo lungenabani wokulududuza.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


Angikudlanga okweshumi ekulileni kwami, angisusanga lutho kukho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, ngikwenze konke njengalokhu ungiyalile.


Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


“Ngalokho-ke ungabakhulekeli laba bantu, ungabenzeli izinxuso; ungabakhulekeli, ngokuba angiyukubalalela mhla bekhala kimi ngenhlekelele yabo.


Kwaba khona ukukhala kwabantu okukhulu, amadoda nomkabo bekhononda ngabafowabo abangabaJuda.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite