Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:8 - IsiZulu 2020

8 Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Uma ninikela ngempumputhe ibe ngumhlatshelo, akukubi na? futhi uma ninikela ngezinyonga nezigulayo, akukubi yini? Manje nikela kumbusi wakho; Iyakuthokozela wena, noma ithathe umuntu wakho? usho uJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:8
10 Referans Kwoze  

Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma ngabe linasici sini, awuyukunikela ngalo kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Imihlatshelo eyethulwa kimi bayayihlaba, badle inyama yayo, kodwa uSimakade akayithokozeli. Manje uyasikhumbula isiphabheko sabo, abajezise ngezono zabo, babuyele eGibhithe.


Usho kanje uSimakade kulaba bantu, uthi: “Njengoba bethandile ukuzulazula, bangazinqanda izinyawo zabo; uSimakade akabemukelanga. Manje uyakukhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo.”


Makayikhumbule yonke iminikelo yakho, awemukele umnikelo wakho wokushiswa. Sela


Ngakho-ke zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye nakho encekwini yami uJobe, nikunikele kube ngumnikelo wenu wokushiswa. UJobe, inceku yami, uyonikhulekela, ngoba ngiyakuwulalela umkhuleko wakhe, angiyukwenza kini njengobuwula benu, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami uJobe.”


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi, ngenyanga yesithupha, ngosuku lokuqala enyangeni, kwafika izwi likaSimakade ngesandla sikaHagayi umphrofethi kuZerubhabhele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehozadaki, umphristi omkhulu, lathi:


Ngokuletha e-althare lami ukudla okungcolileyo. Qede nithi: “Sikungcolise ngani na?” Ngokusho kwenu nithi: “Itafula likaSimakade lidelelekile.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite