Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:6 - IsiZulu 2020

6 “Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo. Uma nginguyihlo, pho kuphi ukuhlonishwa kwami? Uma ngiyinkosi, pho kuphi ukwesatshwa kwami?” kinina baphristi enidelela igama lami, kubuza uSimakade Wamabandla. Kodwa nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.” Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Indodana ihlonipha uyise, nenceku inkosi yayo; uma ngingubaba, kuphi ukudunyiswa kwami? uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami na? usho uJehova Sebawoti kini, nina bapristi, enidelela igama lami. Futhi nithi: Silidelele ngani igama lakho?

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:6
52 Referans Kwoze  

“Ningibizelani nithi: ‘Nkosi, Nkosi,’ nibe ningakwenzi engikushoyo na?


Yizwani mazulu, ubeke indlebe we mhlaba, ngokuba uSimakade ukhuluma, uthi: “Ngikhulisile, ngondla abantwana, kodwa bangihlubukile.


Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.


U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, senginentilibathwa yomcebo. Kuzo zonke izithukuthuku zami abayukuthola kimi okubi okuyisono.”


Kodwa manje, Simakade, unguBaba, thina siyibumba, Wena ungumbumbi wethu, sonke singumsebenzi wesandla sakho.


Hlonipha uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso:


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


“Akusibo bonke abathi kimi: ‘Nkosi, Nkosi,’ abayakungena embusweni wezulu, kodwa kuphela yilowo owenza intando kaBaba osezulwini.


Ngakho-ke anokhuleka kanje: “ ‘Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho;


“Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise, nesingambusisi unina.


“ ‘Yazisa uyihlo nonyoko, njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekuyalile, ukuze izinsuku zakho zibe zinde, kube kuhle kuwe ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


“ ‘Yilowo nalowo uyohlonipha uyise nonina, agcine amasabatha ami; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Uyayazi imiyalelo ethi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungaqhwagi muntu, hlonipha uyihlo nonyoko.”


hlonipha uyihlo nonyoko; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”


Abantu bami bayabhujiswa ngokweswela ulwazi, njengoba ulwenqabile ulwazi, nami ngiyenqaba ukuba ube ngumphristi wami. Ukhohliwe wumthetho kaNkulunkulu wakho, nami futhi ngiyakubakhohlwa abantwana bakho.


Abaphristi bawo bawudlovile umthetho wami; bazingcolisile izinto zami ezingcwele, abakwehlukanisanga okungcwele nokuyichilo. Ababafundisanga abantu ukwehlukanisa phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo, bashalazela amasabatha ami ngokungawagcini; ngihlanjalaziwe phakathi kwabo.


“Abaphrofethi nabaphristi bangcolile, nasendlini yami ngithole inkohlakalo yabo,” kusho uSimakade.


akusadingeki ukuba ahloniphe uyise; kanjalo-ke nilenza libe yize izwi likaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu.


Kodwa nina nichezukile endleleni, nakhubekisa abaningi ngemfundiso yenu; nasephula isivumelwano sikaLevi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha sona sithanda ukuzithetha, sathi kuJesu: “Umakhelwane wami ngubani na?”


Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu.


Ngokuba uMose wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Noma ngubani othuka uyise noma unina, makafe nokufa.’


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


Uyayazi imiyalelo ethi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, hlonipha uyihlo nonyoko.’ ”


Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ wathi futhi: ‘Othuka uyise nonina makafe nokufa.’


“Yizwani lokhu nina baphristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwehlulelwa ngokwenu, phela nibe wugibe eMizpha nenetha elendlaliweyo eThabhori.


Nasehlane, nibonile ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu wanithwala njengendoda igqogqoshe indodana yayo, endleleni yonke enahamba ngayo, naze nafika kule ndawo.’


Njengamehlo ezinceku, ebheke izandla zamakhosi azo, namehlo encekukazi, ebheke isandla senkosikazi yayo, kanjalo nathi amehlo ethu abheke kuSimakade uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.


Abazukulu bangumqhele wabadala, abazali bayigugu kubantwana.


Awuzilethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa; awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angizange ngibe kuwe ngumthwalo ngeminikelo, noma ngikukhathaze ngempepho.


Awungibizile yini khona manje, uthi kimi: ‘Baba, Wena ungumngani wobusha bami,’ na?


Isizukulwane sikaJonadaba, indodana kaRekhabhi, siwugcinile umyalo kakhokho waso asiyala ngawo, kodwa laba bantu kabangilalelanga.’


Abaphrofethi bawo bayizichwensi nabakhohlisi. Abaphristi bawo bayingcolisile indawo engcwele, bawephula umthetho.


“Manje lo myalo uqondene nani baphristi.


“Kanti asinaBaba munye yini thina sonke na? Akamunye yini uNkulunkulu owasidalayo na? Pho sikhohlisanelani omunye nomunye, sihlambalaze isivumelwano sokhokho na?


Ngabe nimbonga kanjalo uSimakade, na? Nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile, akasiye yini uyihlo anidalwanga nguye wanenza, wanimisa, na?


Maye, kulowo othi kuyise: ‘Uzalani na?’ nakowesifazane, athi: ‘Unemihelo ngani na?’


Akukho namunye obiza iGama lakho, nozama ukubambelela kuwe, ngokuba ubusithibezile ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite