Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:3 - IsiZulu 2020

3 kodwa ngamzonda u-Esawu, ngenza izintaba zakhe zaba wugwadule, nefa lakhe laba ngelamankentshane asehlane.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngamzonda u-Esawu, ngachitha izintaba zakhe nefa lakhe kwaba yizimpungushe zasogwadule.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:3
26 Referans Kwoze  

Ngenxa yobudlova obenziwa kumfowenu uJakobe, uyakuthelwa ngehlazo, kuqedwe nya ngawe unomphelo.


IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.


Bhekani, nginani; ngiyakubuyela kini, nilinywe, futhi nihlwanyelwe.


Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ngisiphakamisile isandla sami, ngafunga ngathi impela abezizwe abanizungeze ndawo zonke bayakulithwala ihlazo labo.


IBhabhele liyakuba yizindunduma zamatshe, indawo ehlala amakhanka; incithakalo nento enximfelwayo, kungabi bikho ohlala khona.


Kepha Mina, ngizomhlubula u-Esawu, ngambule izindawo zakhe ezifihlekile akayukukwazi ukucasha; izizukulwane zakhe, izihlobo zakhe, nomakhelwane bakhe bayakubhujiswa, baphele nya.


“Ngizakulenza iJerusalema libe yindunduma yamatshe, nendawo yamakhanka; imizi yakwaJuda ngiyenze ibe yincithakalo, kungahlali muntu kuyo.”


Isihlabathi esishisayo siyophenduka ichibi, umhlabathi owomileyo ube yimithombo yamanzi; ikhaya lezimpungushe liyophenduka ixhaphozi, utshani bube ngumhlanga nekhwani.


“Uma umuntu eza kimi, kepha engamdeli uyise, unina, umkakhe, abantwana, abafowabo, odadewabo, ngisho nokuphila kwakhe imbala, ngeke abe ngumfundi wami.


USimakade wathi kuye: “Esibelethweni sakho kukhona izizwe ezimbili; izinhlobo ezimbili zabantu ozozizala. Ziyakwehlukana ezibilini zakho; esinye isizwe siyakwehlula esinye, omkhulu akhonze omncane.”


Phendukani, nibaleke, nibhace emigedeni ejulileyo; nina zakhamuzi zaseDedani, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe inhlekelele ka-Esawu, ngesikhathi engiyomjezisa ngaso.


Ngakho-ke yizwani ngecebo likaSimakade; ngo-Edomi nalokho akuhlosile ngabakhileyo eThemani: impela abancinyane emhlanjini bayohudulwa basuswe, abhubhise amadlelo abo ngenxa yabo.


“IHazori liyakuba yindawo ehlala amakhanka nencithakalo, kuze kube phakade. Akuyukuhlala muntu khona, nendodana yomuntu ayiyukugogobala khona.”


Isigwebo sakho nesikhathi sokuthunjwa kwakho sekuphelile, ndodakazi, yaseZiyoni. Kodwa wena, ndodakazi, yakwa-Edomi, uzojeziswa, Yena uzozambula izono zakho, ngenxa yobubi bakho.


Mayelana no-Edomi. Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Akusekho yini ukuhlakanipha eThemani na? Sekuphelile yini ukweluleka kwabanokuqonda na? Ngabe ukuhlakanipha kwabo sekushabalele na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite