Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:13 - IsiZulu 2020

13 Niyasho futhi nithi: ‘Saze sakhathala bo! qede nilinximfele,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. “Niletha izilwane ezebiwe, eziqhugayo nezigulayo, nethule umnikelo, ngiyakukwemukela yini lokho esandleni senu na?” kusho uSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Futhi lathi: Khangela, ukukhathala okungaka lokhu! niyawucima,” usho uJehova Sebawoti; naletha ezidwetshiweyo neziyizinyonga nezigulayo; kanjalo nanikela ngomhlatshelo; ngithathe kuwe? kusho uJehova.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:13
28 Referans Kwoze  

“Bantu bami, ngenzeni kinina na? Nginikhathaze ngani na? Ngiphenduleni.


“Futhi nxa nizila ukudla, ninganyukubali njengabazenzisi, ngokuba bayabipha, ukuze babonwe ngabantu ukuthi bazilile. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


“Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bayathanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini: sebewamukele umvuzo wabo.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwesa kwenyanga ukuze sithengise ngokusanhlamvu, kudlule nesabatha ukuze sithengise ngokolo na? Senze i-efa libe lincane, neshekeli libe likhulu, senze nezilinganiso zenkohliso,


Abaphristi abayukuyidla inyoni noma isilwane esizifeleyo noma esidweshuliweyo.’ ”


Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelelezi asesigodini; yiwona angawonkatho lwakho; nakuwo uthululele umnikelo wokuphuzwayo, wenza umnikelo wokusanhlamvu. Ngimelwe ukweneliswa yini ngalokho na?


Uma niza phambi kwami, ngubani ofune lokhu esandleni senu ukuba ninyathele emagcekeni ami na?


Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’


Uma linesici, liqhuga, noma liyimpumputhe, noma ngabe linasici sini, awuyukunikela ngalo kuSimakade uNkulunkulu wakho.


Akayukuyidla ingcuba nesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, ukuze angazingcolisi ngakho; nginguSimakade.


Kuyothi uma onile, wabona ukuthi unecala, akubuyisele lokho abekwebile, nakudlileyo, noma obekubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile, wakuthola;


Inkosi yathi ku-Arawuna: “Qha, kumele ngikuthenge nokukuthenga, ngikukhokhele inani elithile. Angiyukunikela kuSimakade uNkulunkulu wami ngeminikelo yokushiswa engeyesihle.” UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli esiliva angama-50.


“Mina Simakade ngithanda ubulungiswa, ngiyakuzonda ukuphanga nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze nabo isivumelwano esiphakade.


Uzakubhujiswa, Israyeli, ngokuba umelene nami, umsizi wakho.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Sengathi uSimakade angamsusa emathendeni akwaJuda umuntu owenza lokhu nalowo ophendulayo emvikela emathendeni akwaJakobe noletha umnikelo kuSikamade Wamabandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite