Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UMalaki 1:10 - IsiZulu 2020

10 “Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 “Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ubani phakathi kwenu oyohluthulela ize iminyango? aniwubasa ngeze e-altare lami. Angithokozi ngani, usho uJehova Sebawoti, futhi angiyikwamukela noma yimuphi umhlatshelo esandleni senu.

Gade chapit la Kopi




UMalaki 1:10
21 Referans Kwoze  

yelusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, ningawuphathi ngokungathi niphoqiwe, kodwa ngokuthanda, njengalokhu uNkulunkulu enza, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo, kodwa kube ngenhliziyo eshisekelayo.


Izinhloko zalo zehlulela ngokugwazelwa, abaphristi balo bafundisa ngenxa yokukhokhelwa, nabaphrofethi babhula ngenxa yesiliva, bethembele kuSimakade, bethi: “Akekho yini phakathi kwethu uSimakade na?” Asiyukwehlelwa yinhlekele.


Bayakuhamba nomhlambi wabo wezimvu nowezinkomo ukuyofuna uSimakade, kodwa abayukumfumana, ngokuba usesukile kubo.


Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”


Ngakho-ke ngizonika abafazi babo abanye, ngibaphuce amasimu abo; ngokuba kusukela ezinganeni kuya kwabadala, bonke bathola inzunzo engabafanele; nabo bonke abaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.


Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu.


Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na?


Oqashiweyo engesiye umelusi, nezimvu zingesizo ezakhe, uma ebona inkentshane liza, uyazishiya izimvu, athi galo yephuka, bese inkentshane lizibhozomela, lizihlakaze,


“Kusukela ezinganeni kuya kwabadala bakhona, bonke bazuza inzuzo engafanele, nabaphrofethi nabaphristi baqamba amanga.


Usho kanje uSimakade kulaba bantu, uthi: “Njengoba bethandile ukuzulazula, bangazinqanda izinyawo zabo; uSimakade akabemukelanga. Manje uyakukhumbula isiphambeko sabo, abajezisele izono zabo.”


Niyasho futhi nithi: ‘Saze sakhathala bo! qede nilinximfele,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. “Niletha izilwane ezebiwe, eziqhugayo nezigulayo, nethule umnikelo, ngiyakukwemukela yini lokho esandleni senu na?” kusho uSimakade.


Sengathi uSimakade angamsusa emathendeni akwaJuda umuntu owenza lokhu nalowo ophendulayo emvikela emathendeni akwaJakobe noletha umnikelo kuSikamade Wamabandla.


Kodwa nangonyaka wama-23 wokubusa kwenkosi uJehowashi, abaphristi babengakazilungisi izimfa zendlu.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso kuSimakade, kodwa umkhuleko wabaqotho uyintokozo kuye.


“Okunye enikwenzayo futhi yilokhu: nilithela ngezinyembezi i-althare likaSimakade, nikhala, nibubula, ngoba engasayinakile iminikelo yenu, futhi engayamukeli ngokuthokoza esandleni senu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite