Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 9:9 - IsiZulu 2020

9 Amadodana akhe aletha igazi kuye, wagcobhoza ngomunwe kulo, walibheca ezimpondweni ze-althare, elinye igazi walithululela esinqeni se-althare,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye; wagcobhoza umunwe egazini, walibheca ezimpondweni ze-altare, wathulula elinye igazi ngasesinqeni se-altare;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amadodana ka-Aroni aletha igazi kuye, wagcobhoza umunwe wakhe egazini, walifafaza ezimpondweni ze-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 9:9
14 Referans Kwoze  

UMose wayihlaba, wathatha igazi walibheca ngomunwe wakhe ezimpondweni ze-althare nxazonke, walihlambulula i-althare, igazi eliseleyo walithululela esinqeni se-althare, walingcwelisa kanjalo ukuba alenzele ukubuyisana.


Ngokuba kwakumfanele Yena, okukhona konke ngenxa yakhe, futhi okukhona ngaye, ukuba lapho eyisa amadodana amaningi enkazimulweni, amphelelise ngezinhlupheko lowo oyisiqalo sensindiso yabo.


Uyakuphuma aye e-althare eliphambi kukaSimakade, alenzele ukubuyisana. Uyothatha igazi lenkunzi nelempongo, alibhece ezimpondweni ze-althare nxazonke.


Wahlaba inkunzi nenqama kwaba yimihlatshelo yokuthula ongowabantu; amadodana akhe aletha igazi, walifafaza nxazonke e-althare,


Wahlaba nomnikelo wokushiswa; amadodana akhe aletha igazi kuye, wafafaza ngalo macala wonke e-althare.


Umphristi uyothatha igazi layo ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi lonke igazi layo alithululele ngasesinqeni se-althare.


Umphristi uyakuthatha ingxenye yegazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe alibhece ezimpondweni ze-althare lomnikelo wokushiswa, kuthi ingxenye yegazi eseleyo ayithululele ngasesinqeni se-althare lomnikelo wokushiswa.


kodwa amanoni nezinso nalawo asesibindini emnikelweni wesono wakushisa e-althare, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Iziko le-althare lalingamakhubhithi amane, kusukela kulo kuya phezulu, kukhona nezimpondo ezine.


“Uyakuthatha igazi ulibhece kuzona zozine izimpondo zalo, emagumbini omane onqenqema, nasemaphethelweni nxazonke, ulihlambulule, ulenzele ukubuyisana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite