Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 9:4 - IsiZulu 2020

4 nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 nenkunzi nenqama kube ngumnikelo wokubonga wokuhlatshelwa phambi kukaJehova; nomnikelo wempuphu oxutshwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyakubonakala kini.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 9:4
18 Referans Kwoze  

Ngiyohlangana nabantu bakwa-Israyeli lapho, leyo ndawo iyakungcweliswa yinkazimulo yami.


UMose no-Aroni bangena ethendeni lokuhlangana, babuye baphuma, babusisa abantu. Inkazimulo kaSimakade bayibona bonke abantu.


UMose wayesethi: “Nakhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze, ukuze ibonakale kini inkazimulo yakhe.”


Bheka, inkazimulo kaSimakade yavela empumalanga, izwi lakhe lezwakala njengokuhaza kwamanzi amaningi, inkazimulo yakhe yawukhanyisa umhlaba.


UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.


Yonke inhlangano yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kubo bonke abantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana.


“ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.


Inkazimulo kaSimakade yahlala entabeni iSinayi, ifu layisibekela intaba izinsuku eziyisithupha; kwathi ngosuku lwesikhombisa uSimakade esefini, wambiza uMose.


bazilungiselele usuku lwesithathu, ngokuba ngosuku lwesithathu uSimakade uyokwehlela entabeni iSinayi phambi kwabantu bonke.


Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.


Khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo nenze ngayo umnikelo wesono, nethole, newundlu okunonyaka, okungenasici, kube ngumnikelo wokushiswa,


Baletha phambi kwethende lokuhlangana lokho uMose ayeyale ngakho, kwase kusondela yonke inhlangano yema phambi kukaSimakade.


“ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade.


Kuyakuthi uma seziphelile lezo zinsuku, kube ngusuku lwesishiyagalombili kuya phambili, bese abaphristi benikela iminikelo yenu yokushiswa e-althare, neminikelo yenu yokuthula; ngiyakunamukela-ke,” kusho iNkosi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite