Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 9:23 - IsiZulu 2020

23 UMose no-Aroni bangena ethendeni lokuhlangana, babuye baphuma, babusisa abantu. Inkazimulo kaSimakade bayibona bonke abantu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, babuye baphuma, bababusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 OMose no-Aroni bangena etendeni lokuhlangana, baphuma, babusisa abantu; yayisibonakala inkazimulo kaJehova kubantu bonke.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 9:23
10 Referans Kwoze  

UMose wayesethi: “Nakhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze, ukuze ibonakale kini inkazimulo yakhe.”


UKhora wayeseqoqa yonke inhlangano, base bema ngasemnyango wethende lokuhlangana. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kuyo yonke inhlangano.


Kwathi inhlangano isibavukela oMose no-Aroni, babheka ngasethendeni lokuhlangana. Bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaSimakade yabonakala kulo.


Yonke inhlangano yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaSimakade yabonakala kubo bonke abantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana.


UMose wawuhlola wonke umsebenzi, wawubona ukuthi wenziwe njengalokhu uSimakade ayemyalile, ngakho-ke uMose wababusisa.


Kwathi lapho uSolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; inkazimulo kaSimakade yagcwalisa indlu.


Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.


nenkunzi nenqama kube yiminikelo yokuthula, nikuhlabe phambi kukaSimakade, nomnikelo wokusanhlamvu okuxovwe namafutha, ngokuba namuhla uSimakade uzozibonakalisa kini.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite