Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 8:7 - IsiZulu 2020

7 Wamgqokisa ibhantshi, wambopha ngebhande okhalo, wamembathisa ijazi, wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande lengubo yamahlombe elihlotshisiweyo, wayibopha ngalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Wamfaka ibhantshi, wambhincisa ibhande,* wamembathisa ijazi; wamfaka ingubo yamahlombe, wambhincisa ibhande elifekethisiweyo lengubo yamahlombe, wayibophela kuye ngalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Wamembathisa ingubo, wambhincisa ibhande, wamembathisa ingubo, wamfaka indwangu yasehlombe, wambhincisa indwangu yasehlombe, wambopha ngayo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 8:7
12 Referans Kwoze  

Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,


Ngokuba nonke enabhabhadiselwa kuKhristu, nembatha uKhristu.


Kepha yembathani iNkosi uJesu Khristu, ninganakekeli inyama yenu, kuvuswe izinkanuko.


ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Bese uthatha izingubo zobuphristi umgqokise u-Aroni ingubo, ibhantshi, ingubo yamahlombe, nesivikelo sesifuba, umbophe ngebhande lengubo yamahlombe elifekethisiweyo.


Uyakumthungela u-Aroni umfowenu izingubo ezingcwele, ezinhle nezokuzihlobisa.


“Bayokwenza ingubo yamahlombe ngokuyigolide, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, kube ngumsebenzi wobungcweti obukhulu.


Ngamkhetha kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli ukuba abe ngumphristi wami, anikele e-althare lami, ashise impepho kulo, embathe ingubo yamahlombe phambi kwami, ngayinika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantu bakwa-Israyeli.


Kuyakuthi lapho abaphristi sebengenile, bangaphumeli endaweni engcwele ukuba baye egcekeni elingaphandle, bengakazibeki lapho izembatho zabo abakhonze ngazo, ngokuba zingcwele. Bayakwembatha ezinye izingubo, bese besondela kulokho okungokwabantu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite