Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 8:4 - IsiZulu 2020

4 UMose wenza njengalokhu uSimakade emyalile; waqoqela inhlangano ngasemnyango wethende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthelwa ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UMose wenza njengalokho uJehova emyalile; inhlangano yabuthana ngasemnyango wetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 8:4
19 Referans Kwoze  

Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo,


Ngokuba ngakwamukela eNkosini lokho engakwedlulisela kini, ukuthi: iNkosi uJesu, ngobusuku eyakhashelwa ngabo yathabatha isinkwa,


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


“Konke enginiyala ngakho, qaphelani ukuba nikwenze; aniyukuthasisela kukho, futhi aniyukunciphisa lutho kukho.”


Niyohlala ngasemnyango wethende lokuhlangana imini nobusuku, izinsuku eziyisikhombisa, nigcine umyalo kaSimakade ukuze ningafi, ngokuba ngiyaliwe kanjalo.”


UMose wathatha isifuba, wasizulisa saba ngumnikelo wokuzulazuliswa phambi kukaSimakade; saba yisabelo sikaMose enqameni yokubabeka njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Kepha inkunzi nesikhumba sayo, inyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


UMose waletha namadodana ka-Aroni, wawagqokisa amabhantshi, wawabopha ngamabhande, wawafaka izigqoko njengalokhu uSimakade ayemyalile.


Wamethwesa iqhiya ekhanda, ngaphambili ebunzini wamfaka ucwecwe lwegolide, umqhele wobungcwele, njengalokho uSimakade ayemyalile uMose.


nebhande lelineni lemicu ephothiweyo, ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, okwakwenziwe ngobuciko obukhulu ngumhlobisi, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Kwaba yinsimbi ekhencezayo, yihananadi, yinsimbi nehananadi emphethweni ozungeze ingubo yokukhonza, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Base bebopha isivikelo sesifuba ngamasongo aso, emasongweni engubo yamahlombe basibopha ngentambo eluhlaza okwesibhakabhaka ukuba sibe phezu kwebhande elihlotshisiweyo lengubo yamahlombe, ukuze singakhumuki kuyo, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Bawabeka ezizibeni zengubo yamahlombe, ukuze abe ngamatshe esikhumbuzo samadodana ka-Israyeli, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Ibhande elihlotshisiwe lokuyibopha elalikuyo lalenziwe ngendlela efanayo nezingubo, lenziwe ngegolide, ngensonto eluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo; njengokuba uSimakade ayemyalile uMose.


Benza izingubo ezinhle zokukhonza endaweni engcwele ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane nangokubomvu. Benzela u-Aroni izingubo ezingcwele njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


uqoqele yonke inhlangano emnyango wethende lokuhlangana.”


UMose wathi enhlanganweni: “Nakhu uSimakade ayale ukuba kwenziwe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite