Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 7:24 - IsiZulu 2020

24 Amanoni engcuba nawokudweshulwe yisilwane sasendle angasetshenziselwa yonke eminye imisebenzi, kodwa aniyukuwadla nhlobo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Amanoni esilwane esifa ngokwaso, namanoni esilwane esidweshuliwe, angasetshenziselwa noma iyiphi enye injongo, kodwa aniyikuwadla.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 7:24
8 Referans Kwoze  

“Niyakuba ngabantu abangcwele kimi, ngakho-ke ningayidli inyama yesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, kodwa aniboyiphonsela izinja.


Akayukuyidla ingcuba nesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, ukuze angazingcolisi ngakho; nginguSimakade.


“ ‘Noma ngubani odla ingcuba noma isilwane esidweshulwe yizilo, noma ngabe ungowolibo noma ngumfokazi, uyohlanza izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolileyo kuze kuhlwe, bese eyahlambuluka.


Abaphristi abayukuyidla inyoni noma isilwane esizifeleyo noma esidweshuliweyo.’ ”


Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”


“Aniyukuyidla ingcuba; aniyukumnika umfokazi osemzini wenu ukuba ayidle, noma nithengise ngayo kowezizwe, ngokuba nina niyisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wenu. Aniyukupheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


Ngokuba oyokudla amanoni enkomo enikelwa kuSimakade ibe ngumnikelo womlilo, lowo owudlayo uyakudingiswa.


Uyokwenza okufanayo ngamazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho. Uyakuwavumela abe nonina izinsuku eziyisikhombisa, bese kuthi ngosuku lwesishiyagalombili uwanikele kimi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite