Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 6:7 - IsiZulu 2020

7 umphristi uyomenzela ukubuyisana phambi kukaSimakade, athethelelwe konke akwenzile waba necala ngakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Umpristi kumelwe amenzele isihlawulelo phambi kukaJehova, futhi uyothethelelwa noma yini kukho konke akwenzile ngokweqa ngakho.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 6:7
22 Referans Kwoze  

Wonke amanoni aso uyowashisa kube nentuthu e-althare njengamanoni omhlatshelo wokuthula, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


Kepha uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.


Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu Yena esekukhanyeni; sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


Ngakho-ke ngithi kini: zonke izono zabantu nokuhlambalaza kuyakuthethelelwa, kodwa ohlambalaza uMoya akuyukuthethelelwa.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Nalapho omubi ephenduka ebubini bakhe, enze okufaneleyo nokulungileyo, uyakuphila ngakho.


“Wozani-ke sidingide lolu daba,” kusho uSimakade. “Noma izono zenu zibomvu njengegazi, ziyokuba mhlophe njengeqhwa; noma zibomvu klebhu, ziyoba mhlophe njengoboya bezimvu.


Uyoletha kumphristi iwundlu elingenasici alithathe emhlanjini wakhe noma okulingana nalo, kube ngumnikelo wecala; umphristi uyomenzela ukubuyisana mayelana nesiphosiso aphosise ngaso engazi, bese ethethelelwa.


Umphristi uyakumenzela ukubuyisana mayelana nesono sakhe asenze kunoma yiyiphi kulezo zinto, athethelelwe; okuseleyo kube ngokomphristi, kungumnikelo wokusanhlamvu.’ ”


Ngelesibili uyokwenza umnikelo wokushiswa njengokwesimiso, umphristi amenzele ukubuyisana, owonile athethelelwe.


Uyowasusa wonke amanoni ayo ngendlela okususwe ngayo amanoni emnikelweni wokuthula, umphristi ayishise kube nentuthu e-althare, kube yiphunga elimnandi kuSimakade, umphristi amenzele ukubuyisana, athethelelwe.


Uyokwenza ngaleli duna njengoba kwenziwe eduneni lomnikelo wesono; nakuleli uyokwenza kanjalo. Umphristi uyakubenzela ukubuyisana, bathethelelwe.


ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”


USimakade wakhuluma kuMose, wathi:


Umnikelo wecala uyakuhlatshelwa lapho kuhlatshelwa khona umnikelo wokushiswa, igazi lawo lifafazwe nxazonke ze-althare.


“ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite