Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 6:5 - IsiZulu 2020

5 nayikuphi afunge ngamanga ngakho, uyokubuyisela, aze athasisele okwesihlanu kukho, uyokunika lowo obelahlekelwe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 noma yikuphi afungile amanga ngakho; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Noma konke afunga ngakho amanga; kumelwe alibuyisele ecaleni elikhulu, engeze kulo okwesihlanu okwesihlanu, alinike lowo okumfanele ngosuku lomnikelo wakhe wecala.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 6:5
16 Referans Kwoze  

Uyakukhokhela lokho akonile ezintweni ezingcwele, athasisele okwesihlanu kukho, bese ekunika umphristi, umphristi uyomenzela ukubuyisana ngenqama yomnikelo wecala, athethelelwe.


Kepha uZakewu wasukuma, wathi eNkosini: “Nkosi, ngipha abampofu ingxenye yempahla yami; kuthi uma ngimqolile umuntu okuthile, ngikubuyisele kuye sekuphindwe kane.”


Ixhukazana uyakulibuyisela seliphindwe kane ngenxa yokuba enze lokho, futhi engabanga nasihawu.”


Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaSimakade naphambi kogcotshiweyo wakhe, ukuthi ngake ngathatha inkabi kabani, noma imbongolo kabani, ngubani engimqolile, ngicindezele bani futhi ngemukele ukufunjathiswa okuvela esandleni sikabani ukuze amehlo ami avalwe yikho na? Lokho ngiyakukubuyisela kini.”


“Emacaleni wonke ombango wempahla, aphathelene nenkabi, imbongolo, imvu, isembatho, noma iyiphi nje enye impahla elahlekile, bobabili ababangayo bayoletha izikhalo zabo kuNkulunkulu. Olahlwa yicala phambi kukaNkulunkulu uyomkhokhela umakhelwane wakhe kuphindwe kabili.


Khona uyakumemeza, kusabele uSimakade; uyakukhala, bese ethi: ‘Bheka, ngilapha.’ “Uma ususa ijoka phakathi kwenu, ukukhombana ngeminwe, nokukhuluma kabi,


“Ukuzila engikukhethileyo akukhona yini lokhu: ukuthukulula izibopho zenkohlakalo, ukukhumula izitilobho ejokeni, ukukhulula abacindezelweyo, nokuphula wonke amajoka na?


“Uma umuntu enika umakhelwane wakhe imali noma izimpahla ukuba amgcinele ziphephile zibe zingezebiwe endlini kamakhelwane, uma libanjwa isela, liyakukhokha ngokuphindwe kabili.


“Uma okwebiweyo kutholakala esandleni salo kusaphila, kungaba yinkabi, yimbongolo noma yimvu, isela liyakukhokha ngokuphindwe kabili.


“Uma umuntu entshontsha inkabi noma imvu, bese eyihlaba noma ayithengise, uyokhokhiswa izinkabi ezinhlanu ngenkabi, nezimvu ezine ngemvu.


yena lowo omubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angakwenzi okubi, impela uyakuphila, angafi.


“U-Aroni uyoshisa impepho enuka kamnandi njalo ekuseni, uyokuyishisa njalo ekuseni lapho elungisa izibani.


Unyaka nonyaka, sizibophezela ukwethula izithelo zokuqala zesivuno somhlabathi wethu nesemithi yonke enhlobonhlobo endlini kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite