Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 6:4 - IsiZulu 2020

4 Kuyothi uma onile, wabona ukuthi unecala, akubuyisele lokho abekwebile, nakudlileyo, noma obekubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile, wakuthola;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 khona kuyakuthi, uma onile aze abe necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Khona-ke kuyakuthi, ngenxa yokuthi wonile futhi unecala, kufanele abuyisele lokho akuthathile ngamandla, noma lokho akuthole ngobuqili, noma lokho akuphiwa ukuba akugcine, noma okulahlekile akutholile,

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 6:4
20 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku ngiyakujezisa bonke abeqa umbundu, abagcwalisa izigodlo zamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.


Bafisa amasimu, bawaqhwage, nezindlu bazithathe, bacindezele indoda nabendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” kusho uSimakade. “Banqwabelela ubudlova nempango ezinqabeni zabo.”


Uyise, ngokuba yena waba yiqola, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungalungile phakathi kwabantu bakubo; uyakufa ngenxa yokona kwakhe.


icindezela abampofu nabantulayo, iphanga nokuphanga, ingasibuyisi isibambiso, iphakamisela amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso,


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha epha abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu,


Ubulwembu baso abuyukuba yingubo, abanakuzimboza ngalokho abakwenzileyo; imisebenzi yabo ingeyobubi nezenzo zendluzula zisezandleni zabo.


Abantu bagudluza izikhonkwane zemingcele, baphange imihlambi, bayiklabise.


Ngokuba ubacindezele, wabalahla abampofu, udle indlu angazange ayakhe.


U-Abhrahama wayesekhononda ku-Abhimeleki ngomthombo wamanzi ayewephucwe yizinceku zakhe.


Oshaya inkomo ize ife uyoyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.


Obulala inkomo, uyoyikhokha; obulala umuntu, uyobulawa.


Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile.


yena lowo omubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angakwenzi okubi, impela uyakuphila, angafi.


Niyasho futhi nithi: ‘Saze sakhathala bo! qede nilinximfele,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. “Niletha izilwane ezebiwe, eziqhugayo nezigulayo, nethule umnikelo, ngiyakukwemukela yini lokho esandleni senu na?” kusho uSimakade.


zonke izitho zeduna uyokukukhiphela ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo lapho kuchithwa khona umlotha, akushise ezinkunini ezisemlilweni kuze kube ngumlotha.


Buyiselani kubo khona namhlanje amasimu abo, izivini zabo, izingadi zabo zeminqumo, izindlu zabo, inzalo yemali yabo, okusanhlamvu, iwayini namafutha ebenibaqola khona.”


Kuyothi lapho bephumela egcekeni elingaphandle, okuyigceke labantu, bazikhumule izembatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bagqoke ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezembatho zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite