Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 6:11 - IsiZulu 2020

11 Uyokhumula izembatho zakhe, agqoke ezinye bese ekhiphela umlotha ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abesekhumula izambatho zakhe, embathe ezinye izambatho, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu* endaweni ehlambulukileyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kumelwe akhumule izingubo zakhe agqoke ezinye izingubo, akhiphele umlotha ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 6:11
14 Referans Kwoze  

Kuyothi lapho bephumela egcekeni elingaphandle, okuyigceke labantu, bazikhumule izembatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bagqoke ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezembatho zabo.


zonke izitho zeduna uyokukukhiphela ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo lapho kuchithwa khona umlotha, akushise ezinkunini ezisemlilweni kuze kube ngumlotha.


Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, okungeniswe igazi lakho ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwenkambu, izikhumba zakho nenyama yakho nomswani wakho, kushiswe ngomlilo.


Uyolikhiphela iduna ngaphandle kwenkambu, alishise njengoba eshise elokuqala; lingumnikelo wesono webandla.


Umphristi uyokwembatha isembatho sakhe selineni elimhlophe, agqoke ngaphansi ibhulukwe lakhe lelineni, bese esusa umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-althare, awuthele eceleni kwalo.


Umlilo ose-althare kufanele uhlale uvutha, ungacinywa, umphristi uyokokhela izinkuni kuwo njalo ekuseni, ahlele umnikelo wokushiswa, ashise kulo amanoni eminikelo yokuthula.


I-althare uyolenzela ukubuyisana izinsuku eziyisikhombisa, ulingcwelise, libe ngcwele kakhulu, ukuze kuthi konke okulithintayo nakho kube ngcwele.”


“Lona ngumnikelo u-Aroni namadodana akhe abayakuwunikela kuSimakade mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo ojwayelekile; ingxenye yawo ekuseni nengxenye yawo kusihlwa.


Umphristi ogcotshiweyo esikhundleni sakhe phakathi kwamadodana akhe, uyowunikela uyisabelo esimisiwe esiphakade sikaSimakade; uyoshiswa wonke.


Bonke abesilisa abangabaphristi bayowudlela endaweni engcwele. Ungcwelengcwele.


Ziyakuba ngezika-Aroni namadodana akhe, bayozidlela endaweni engcwele, ngoba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaSimakade; ngokwesimiso esiphakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite