Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 5:5 - IsiZulu 2020

5 “ ‘Kuyothi uma enecala lokunye kwalezi zinto, akuvume lokho akonileyo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “ ‘Kuyakuthi lapho enecala kokunye kwalokho, avume lokho one ngakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Uma enecala kwenye yalezo zinto, uyakuvuma ukuthi wonile kuleyo nto.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 5:5
13 Referans Kwoze  

Ofihla iziphambeko zakhe akayukuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.


Uyovuma isono sakhe asenzileyo, akhokhe isinxephezelo ngaso, anezelele kuso isamba esingokwesihlanu, asinike lowo amonile.


“ ‘Bayakubuvuma ububi babo nobubi bokhokho babo okwathi ekungethembekeni kwabo, benza ukungethembeki kimi, baqhubeka bamelena nami.


U-Aroni uyobeka izandla zakhe zombili enhloko yempongo ephilayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantu bakwa-Israyeli, neziphambeko zabo, nakho konke ukona kwabo, akubeke enhloko yempongo, bese eyihambisa ngesandla somuntu olungiselwe lokho, iye ehlane.


Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, avume ngomlomo wakhe kube ngukusindiswa.


UJoshuwa wathi ku-Akhani: “Ndodana yami, mnikeze udumo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uvume kuye isono sakho. Ngitshele manje ukuthi wenzeni; ungangifihleli lutho.”


Ngakhuleka kuSimakade uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


Ngase ngisivuma isono sami kuwe, angaze ngasifihla isiphambeko sami. Ngathi: “Ngizozivuma iziphambeko zami kuSimakade,” Yena wangithethelela icala lokona kwami.


Lo muntu bese ebheka abantu, athi: ‘Ngonile, ngahlanekezela okulungileyo, kodwa akwenzekanga kimi njengokufanele.


Umphristi uyakumenzela ukubuyisana mayelana nesono sakhe asenze kunoma yiyiphi kulezo zinto, athethelelwe; okuseleyo kube ngokomphristi, kungumnikelo wokusanhlamvu.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite