Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 5:18 - IsiZulu 2020

18 Uyoletha kumphristi iwundlu elingenasici alithathe emhlanjini wakhe noma okulingana nalo, kube ngumnikelo wecala; umphristi uyomenzela ukubuyisana mayelana nesiphosiso aphosise ngaso engazi, bese ethethelelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Woletha kumpristi inqama engenasici yasemhlambini njengokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala, umpristi amenzele ukubuyisana ngesiphosiso aphosise ngaso engazi, aze athethelelwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kumelwe alethe inqama engenasici yasemhlambini ngokulinganisa kwakho, ibe ngumnikelo wecala kumpristi; umpristi amenzele ukubuyisana ngenxa yokungazi kwakhe one ngako, engazi, uyakuthethelelwa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 5:18
10 Referans Kwoze  

Uyokwenza ngaleli duna njengoba kwenziwe eduneni lomnikelo wesono; nakuleli uyokwenza kanjalo. Umphristi uyakubenzela ukubuyisana, bathethelelwe.


Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana.


“Uma umuntu ona, enza noma yini ephambene nemiyalo uSimakade aniyale ngayo ukuthi mayingenziwa, noma ebengazi, uyoba necala, futhi alithwale icala lakhe.


Kungumnikelo wecala; nempela unecala phambi kukaSimakade.”


Umphristi uyothatha imvu yeduna, anikele ngayo ibe ngumnikelo wecala, nengxenye yelogi lamafutha, akuzungezise kube ngumnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade.


uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite