Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 5:11 - IsiZulu 2020

11 “ ‘Kepha uma engenamandla okuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, maqondana nesono sakhe, uyoletha okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wesono, akayukuthela mafutha phezu kwalo, futhi akayukubeka nhlaka phezu kwalo, ngokuba lingumnikelo wesono.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kodwa uma ungenawo amandla okuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, lowo owonayo kumelwe alethe umnikelo wakhe okweshumi kwe-efa likafulawa ocolekileyo njengomnikelo wesono; akayikuthela amafutha kuwo, angabeki impepho phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 5:11
23 Referans Kwoze  

indoda iyakuletha umkayo kumphristi, imlethele umnikelo wakhe, ube okweshumi kwe-efa lempuphu yebhali, ayiyukuthela amafutha kuyo, noma ibeke nenhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wokusanhlamvu wesikhwele, umnikelo wokusanhlamvu wesikhumbuzo, wokuzikhumbuza ngobubi.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


Wanikela ngoqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli ayi-130, nesitsha sesiliva esingumcengezi esingamashekeli angama-70 ngokweshekeli lendawo engcwele. Kokubili kwakugcwele impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kungumnikelo wokusanhlamvu,


Uyoliletha kumphristi, yena acaphune kuyo isandla sigcwale, kube yisikhumbuzo, alishise e-althare phezu kweminikelo yomlilo kaSimakade; lingumnikelo wesono.


uyofafaza ngengxenye yegazi lomnikelo wesono ohlangothini lwe-althare, kuthi igazi eliseleyo alikhamele esinqeni se-althare; kungumnikelo wesono.


alethe umnikelo kuSimakade, ube yinhlawulo yesono asenzileyo, insikazi emhlanjini wakhe wezimvu noma wezimbuzi, ibe wumnikelo wesono; umphristi uyomenzela ukubuyisana ngesono sakhe.


I-omeri ingokweshumi kwe-efa.


Kepha kwathi lapho bekulinganisa nge-omeri, kulabo ababebuthe okuningi akusalanga lutho, nalabo ababebuthe okuncane abantulanga: yilowo nalowo wayebuthe ngangokwesidingo sakhe.


nokuba banikele ngomhlatshelo njengokushiwo emthethweni weNkosi, amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba.”


Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi, akukho ukuthethelelwa.


“ ‘Uma umnikelo wakhe kuSimakade kungowezinyoni, uyakukhetha umnikelo wakhe phakathi kwamahobhe noma amaphuphu amajuba.


“Lona ngumnikelo u-Aroni namadodana akhe abayakuwunikela kuSimakade mhla begcotshwa: okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo kube ngumnikelo ojwayelekile; ingxenye yawo ekuseni nengxenye yawo kusihlwa.


“Uma empofu, engenakuphumelela kulokho, uyothatha imvu eyodwa eyiduna ibe ngumnikelo wecala, uzungeziswe ukumenzela ukubuyisana, nokukodwa eshumini kwempuphu ecolisekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu, nengxenye yelogi lamafutha,


Kepha uma owethembisayo empofu, uyoyiswa kumphristi, umphristi uyomlinganisela ngokwamandla akhe lowo owenze isithembiso.


“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite