Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 4:22 - IsiZulu 2020

22 “ ‘Uma kona umholi ngokungenhloso, wephula omunye wale miyalo uSimakade uNkulunkulu wakhe ayale ngayo ukuba ingenziwa, aze azilethele icala,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 “ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Uma isikhulu sona, senza ngokungazi ngokuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova uNkulunkulu waso ngokungafanele ukwenziwa, sibe necala;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 4:22
15 Referans Kwoze  

“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,


“ ‘Uma kone yonke inhlangano yakwa-Israyeli ingahlosile, leyo nto ifihleke emehlweni ebandla, yenza noma ikuphi okunye okusemthethweni kaSimakade ayale ukuba kungenziwa, yaze yazenzela icala;


UMose no-Eleyazare, umphristi, nazo bonke abaholi benhlangano baphuma bayobahlangabeza ngaphandle kwenkambu.


bamvukela uMose benamadoda akwa-Israyeli angama-250, angabaholi benhlangano, angamanxusa ebandla, amadoda adumileyo.


“ ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephula noma yimuphi umyalo kaSimakade ayale ukuba ungephulwa, aze azilethele icala,


Zifunele phakathi kwabo amadoda ahloniphekile, amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekile, akuzondayo ukuthola inzuzo ngokungalungile, uwabeke abe yizinduna zezinkulungwane, zamakhulu, zama-50, nezeshumi.


uma lokho kwenziwe kungenganhloso, futhi inhlangano ingazi, inhlangano yonke iyonikela ngeduna libe ngumnikelo wokushiswa, iphunga elimnandi kuSimakade. Iyowunikela nomnikelo wayo wokusanhlamvu, nowokuphuzwayo njengokomthetho, nempongo ibe ngumnikelo wesono.


beza bakhuluma noMose, no-Eleyazare umphristi, nezikhulu zenhlangano, bathi:


niyoqoka imizi yokuphephela lapho umbulali obulale umuntu ngokungeyona inhloso eyobalekela khona.


Umlomo wakho mawungakuholeli esonweni, ungasho phambi kwesithunywa ukuthi lokho kuliphutha. Kungani uNkulunkulu ewathukuthelela amazwi akho, abhubhise umsebenzi wezandla zakho na?


“Uma umuntu ona, enza noma yini ephambene nemiyalo uSimakade aniyale ngayo ukuthi mayingenziwa, noma ebengazi, uyoba necala, futhi alithwale icala lakhe.


“ ‘Uma nona, ningayigcini yonke le miyalo uSimakade ayitshele uMose,


Nqanda inceku yakho ezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngizohlala ngingenasisihla, ngibe msulwa eziphambekweni ezinkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite