Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 4:15 - IsiZulu 2020

15 Amalunga enhlangano ayakubeka izandla zawo enhloko yeduna phambi kukaSimakade, bese lihlatshwa phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Amalunga enhlangano ayakubeka izandla zawo enhloko yenkunzi phambi kukaJehova, inkunzi ihlatshwe phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Amalunga enhlangano kumelwe abeke izandla zawo enhloko yenkunzi phambi kukaJehova, futhi inkunzi kumelwe ihlatshwe phambi kukaJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 4:15
16 Referans Kwoze  

Uyobeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wokushiswa, uyokwamukelwa ngenxa yakhe, njengomnikelo wokubuyisana.


USimakade wehla ngefu, wakhuluma naye. Wathatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angama-70. Kwathi ukuba umoya uhlale kuwo, aphrofetha, kodwa awaphindanga akwenza lokho futhi.


USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Ngiqoqele amadoda angama-70 kumalunga akwa-Israyeli, owaziyo ukuthi angamalunga nezinduna zabantu. Uwalethe ethendeni lokuhlangana, ayoma lapho kanye nawe.


Uyosondeza abaLevi phambi kukaSimakade, abantu bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamakhanda abo.


U-Aroni uyobeka izandla zakhe zombili enhloko yempongo ephilayo, avume phezu kwayo bonke ububi babantu bakwa-Israyeli, neziphambeko zabo, nakho konke ukona kwabo, akubeke enhloko yempongo, bese eyihambisa ngesandla somuntu olungiselwe lokho, iye ehlane.


Waletha nenqama yesibili, inqama yokubabeka; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yayo.


UMose wenza ukuba kusondezwe inkunzi yomnikelo wesono; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenkunzi yomnikelo wesono.


Uyoliletha iduna phambi kukaSimakade ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, abeke isandla sakhe enhloko yalo, iduna lihlatshwe phambi kukaSimakade.


UMose, u-Aroni, uNadabi, u-Abhihu namalunga akwa-Israyeli angama-70 bakhuphuka,


USimakade wathi kuMose: “Khuphukela kuSimakade, wena, no-Aroni, noNadabi, no-Abhihu, namalunga angama-70 akwa-Israyeli; nikhothame ningikhonze nisekude.


“ ‘Uma umnikelo kungumnikelo wokushiswa othathwe ezinkomeni, uyonikela ngeduna elingenasici, uyoliletha emnyango wethende lokuhlangana ukuze emukeleke phambi kukaSimakade.


Umphristi ogcotshiweyo uyoletha ingxenye yegazi leduna ethendeni lokuhlangana.


Wayeseletha inqama yomnikelo wokushiswa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yayo.


“AbaLevi bayobeka izandla zabo ezinhlokweni zamaduna, wena unikele ngelinye lawo libe ngumnikelo wesono, nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade, ubenzele abaLevi ukubuyisana.


Base besondeza izimpongo zomnikelo wesono phambi kwenkosi nebandla, babeka izandla zabo phezu kwazo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite