Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 3:2 - IsiZulu 2020

2 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yawo, awuhlabe ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni angabaphristi ayofafaza igazi lawo nxazonke ze-althare.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare nxazonke ngegazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi nxazonke.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 3:2
23 Referans Kwoze  

“Uyoletha inkunzi phambi kwethende lokuhlangana. U-Aroni namadodana akhe bayokubeka izandla zabo ekhanda layo.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuYena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


nambulala oNgumthombo wokuphila, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, thina esingofakazi balokho.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa. Bayakungibuka mina, lowo abamgwazayo. Bayakumlilela njengokulilela kozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye, njengokukhalela kalusizi izibulo.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe. USimakade wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Waletha nenqama yesibili, inqama yokubabeka; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yayo.


Uyolihlabela ngasohlangothini olusenyakatho lwe-althare phambi kukaSimakade, kuthi amadodana ka-Aroni angabaphristi afafaze igazi lalo nxazonke ze-althare.


Uyoyihlaba inkunzi phambi kukaSimakade ngasemnyango wethende lokuhlangana.


Uyoyihlaba inqama bese uthatha igazi layo ulifafaze nxazonke ze-althare.


Uyothatha kulowo mnikelo wokuthula anikele ngawo ube ngumnikelo womlilo kuSimakade, umhlwehlwe nawo wonke amanoni amboze ezangaphakathi,


abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe. Liyohlatshwa phambi kwethende lokuhlangana. Amadodana ka-Aroni ayofafaza igazi lalo nxazonke ze-althare.


“Kepha izibulo lenkomo, noma lemvu, noma lembuzi, awuyukulihlenga; lingcwele. Uyofafaza ngegazi lalo e-althare, ushise amanoni alo abe ngumnikelo womlilo oliphunga elimnandi kuSimakade.


“Uyothatha futhi enye yezinqama, bese u-Aroni namadodana akhe bebeka izandla zabo ekhanda layo.


“Uyothatha inqama yesibili bese u-Aroni namadodana akhe bebeka izandla zabo ekhanda layo.


yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli oyohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi enkanjini, noma ayihlabele ngaphandle kwenkambu,


engayilethanga emnyango wethende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaSimakade ngaphambi kwethabanakeli likaSimakade, lowo muntu uyakubekwa icala legazi, ngokuba uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kwabakubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite