Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 27:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha uma owethembisayo empofu, uyoyiswa kumphristi, umphristi uyomlinganisela ngokwamandla akhe lowo owenze isithembiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha uma empofu kunokulinganisa kwakho, uyakubekwa phambi kompristi, umpristi amlinganise; umpristi uyakumlinganisa ngokwamandla akhe owathembisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa uma empofu kunalokho okulinganisiwe, kumelwe ame phambi kompristi, futhi umpristi kumelwe amlinganise; njengamandla akhe umpristi uyakumlinganisa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 27:8
11 Referans Kwoze  

Abampofu niyohlala ninabo njalo; ningabenzela okuhle noma nini uma nithanda, kodwa Mina aninami njalo.


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


“Kepha ngingakuthethelela kanjani na? Abantwana bakho bangishiyile, bafunga okungesibo onkulunkulu. Ngabondla basutha, kodwa baphinga, babuthana endlini yesifebe.


“ ‘Uma engenamandla okuthola imvu, uyothatha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, elinye liyoba ngumnikelo wokushiswa, elinye libe ngumnikelo wesono, umphristi uyomenzela ukubuyisana; ahlambuluke.’ ”


“ ‘Kepha uma engenamandla okuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, maqondana nesono sakhe, uyoletha okweshumi kwe-efa lempuphu ecolisekileyo, kube ngumnikelo wesono, akayukuthela mafutha phezu kwalo, futhi akayukubeka nhlaka phezu kwalo, ngokuba lingumnikelo wesono.


“ ‘Uma engenamandla okukhipha imvu, uyoletha kuSimakade amahobhe amabili ngenxa yesono asenzileyo, noma amaphuphu amabili amajuba; elinye libe ngumnikelo wesono, elinye libe ngumnikelo wokushiswa.


Uma kungowesilisa oneminyaka engama-60 kuya phezulu kuyakuba ngamashekeli ali-15, uma kungowesifazane kube ngamashekeli alishumi.


“ ‘Uma kuyisilwane bazakunikela ngaso kuSimakade, noma yisiphi esinjalo siyakuba ngcwele kuSimakade.


Basuka kuhwalala, baya enkanjini yabase-Aramu; sebefike emaphethelweni enkambu yabase-Aramu, bafica kungekho muntu lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite