Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 27:17 - IsiZulu 2020

17 Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela ngonyaka wejubhili, ukulinganisa kwakhe kuyakuma.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uma engcwelisa insimu yakhe kusukela emnyakeni wejubili,* iyakuma ngokulinganisa kwakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Uma engcwelisa isiqephu sezwe sakhe kusukela ngomnyaka wejubili, siyakuhlala simi njengokulinganisa kwakho.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 27:17
7 Referans Kwoze  

“ ‘Uma umuntu eyakwehlukanisa indlu yakhe ibe ngcwele kuSimakade, umphristi uyakuyilinganisa ukubona ukuthi yinhle noma yimbi; njengalokhu umphristi eyilinganisile, kuyakuba kanjalo.


“ ‘Uma umuntu engcwelisela uSimakade ingxenye yensimu eyifa lakhe, ukulinganiswa kwayo kuyakuba njengokukhiqiza kwayo, kube ngamashekeli angama-50 esiliva ehomere lebhali.


Kepha uma engcwelisa insimu yakhe ngemuva kwejubhili, umphristi uyombalela imali ngokweminyaka eseleyo kuze kufike unyaka wejubhili, bese kususwa lokho okulinganisiwe.


Uyoshaya icilongo limpompoloze kuzwakale kulo lonke izwe lakini, ngosuku lweshumi lwenyanga yesikhombisa, okuwusuku lokubuyisana.


Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.


Unyaka wama-50 uyoba yijubhili kini; aniyukulima, aniyukuwavuna amakhikhizela awo, aniyukuzikha izithelo zomvini ongatheniwe.


“ ‘Ngonyaka wejubhili, yilowo nalowo uyobuyela efeni lakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite