Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:8 - IsiZulu 2020

8 Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Abahlanu kini bayakuxosha ikhulu, nekhulu kini lixoshe izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe ngenkemba phambi kwenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:8
15 Referans Kwoze  

Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


“USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, wayeyinhloko yalaba abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.


Kodwa ningamhlubuki uSimakade, ningabesabi abantu bakulelo lizwe. Bayofana nesinkwa nje kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uSimakade unathi. Ningabesabi.”


Nanti-ke inani lamaqhawe kaDavide: kwakunguJashobhehamu, indodana yomHakhimoni, inhloko yezinduna ezingama-30; wagwaza wabulala abangama-300 ngomkhonto wakhe, ngasikhathi sinye.


Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu.


Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.


AbaJuda ababehlala ezifundazweni zenkosi bahlangana, bazivikela, bakhululeka ezitheni zabo, babulala amadoda ayizi-75 000, kodwa abathatha mpango.


Ngalolo lusuku uSimakade uyakubavikela abakhileyo eJerusalema; okhubekayo kubo ngalolo lusuku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, ifane nengelosi kaSimakade phambi kwabo.


Kuleso naleso sizwana sakwa-Israyeli kuphume inkulungwane, nibathumele empini.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite