Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:6 - IsiZulu 2020

6 “ ‘Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale ningesatshiswa muntu. Ngiyakuziqeda nya izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyukudabula ezweni lakini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 “ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngiyakuninika ukuthula ezweni, nilale, ningethuswa muntu; ngiyakunquma izilo ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakho.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:6
43 Referans Kwoze  

Akuyukuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyukukhuphukela khona; lokho akuyukufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.


Insali yakwa-Israyeli ayiyukwenza okubi, ayiyukuwaqamba amanga, futhi akuyukutholakala emlonyeni wayo ulimi lwenkohliso. Impela iyakudla, ilale phansi, kungabi bikho oyethusayo.’ ”


Wenza kube nokuthula emingceleni yakho, akusuthise ngokolo.


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ kusho uSimakade, ‘ungesabi, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nabozalo lwakho ezweni othunjwelwe kulo. UJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke angesatshiswa muntu,


“Inkazimulo yakamuva yale ndlu iyakuba nkulu kuneyakuqala,” kusho uSimakade Wamabandla. “Ngiyakuletha ukuthula kule ndawo,” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngalolo lusuku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu, nokuhuquzelayo emhlabathini. Ngiyakunqamula umnsalo, inkemba nempi ezweni, ngibalalise phansi bephephile.


“ ‘ “Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.


USimakade uzokupha abantu bakhe amandla. USimakade uzobusisa isizwe sakhe ngokuthula.


“Uma ngithumela izilwane zasendle ezweni ukuba zilenze lingabi nabantwana, libe yincithakalo, kungadluli umuntu kulo ngenxa yezilwane,


Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.


Angiyukuzixosha phambi kwakho ngonyaka owodwa; uma ngingenza kanjalo, izwe liyosala dengwane, kuthi izilwane zasendle zibe ziningi kunawe.


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


Ngiyakususa inqola yempi kwa-Efrayimi, nehhashi eJerusalema, ngisuse nomnsalo wempi. Iyakukhuluma ngokuthula ezizweni, ukubusa kwayo kuyakusukela olwandle kuze kufike olwandle, kusukele emfuleni kuze kufinyelele emaphethelweni omhlaba.


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akekho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaSimakade Wamabandla ukhulumile.


“Nakuba ngehlisela inkemba ezweni, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ngibulale kulo abantu nezilwane,


Ngiyakuthumela kini indlala nezilwane ezimbi, kunishiye ningenabantwana, kubhoke ubhubhane nokuchitheka kwegazi phakathi kwenu; ngiyokwehlisela inkemba phezu kwakho. Mina Simakade ngikhulumile.’ ”


Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni!


Ngiyakulala phansi ngokuthula, ngilalise okwengane, ngoba nguWena wedwa, Simakade, ongenza ngihlale ngiphephile.


Bheka, uzozalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula. Ngiyakumnika ukuthula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe uyakuba nguSolomoni, ngiyakunika u-Israyeli ukuthula noxolo ngezinsuku zakhe.


Waphenduka, wababona, wabaqalekisa egameni likaSimakade, kwase kuphuma ehlathini amabhere ezinsikazi amabili abadwengula labo bafana ababengama-42.


Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu,


Kwathi ngosuku uHerode ayehlose ukumkhuphula ngalo amyise kubantu, ngalobo busuku uPhethro walala phakathi kwamabutho amabili, eboshwe ngamaketanga amabili, kukhona nabalindi phambi komnyango ababeqaphe ijele.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Kakhulu kangakanani, lapho sengithumela eJerusalema izehlulelo zami ezine ezimbi: inkemba, indlala, izilwane zasendle nobhubhane, ukuba kubhubhise izilwane nabantu okukulo!


Ngase ngiphaphama, ngabheka; ngangikade ngilele obumnandi ubuthongo.


yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama, ngenza ukuthula, ngidale inhlekelele; nginguSimakade owenza konke lokho.


Umbuso wakhe uyokwanda njalo, ukuthula kungaze kwaphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze usekelwe, umiswe ngobulungiswa nangobuqotho, kusukela manje kuze kube phakade. Intshisekelo kaSimakade Wamabandla iyokwenza lokho.


Ngabeka uhlangothi phansi, ngazunywa ngubuthongo; ngavuka, ngokuba uSimakade ungisekele.


Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulinde lapho ulele, ikhulume nawe lapho uvuka.


Uma ulala, awuyukwesaba lutho; nalapho usulele, uyoba nobuthongo obumnandi.


Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle, izilo zasendle zihlalisana ngokuthula nawe.


Ngiyothumela izilwane zasendle phakathi kwenu, ziyakubulala abantwana benu, zibhubhise imfuyo yenu, zinicoboshise, zibhubhise nezindlela zenu.


Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu.


Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu.


“ ‘Niyogcina zonke izimiso zami, nezehlulelo zami nizenze, ukuze nihlale nivikelekile ezweni.


Izwe liyakuthela izithelo zalo ngobuningi bazo, nidle nisuthe, nihlale kulo nivikelekile.


Umbuso kaJehoshafathi waba nokuthula ngenxa yokuthi uNkulunkulu wakhe wayemnike ukuphumula nxazonke.


Sengathi izinkomo zethu zingaba namathole amaningi. Makungabi bikho kufohla ogangeni, kungathunjwa muntu, futhi kungabi bikho ukukhala emigwaqweni yakithi.


Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayukuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayukuduka kuyo.


Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi ukhiqize ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo; ziyakukwazi ukuthi nginguSimakade, lapho sengizaphulile izikeyi zejoka lazo, futhi ngazihlenga esandleni salabo ababezenze izikhonzi zabo.


Ngiyakuzithathela wena ngokwethembeka, futhi uyakumazi uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite