Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:45 - IsiZulu 2020

45 Ngenxa yabo ngiyosikhumbula isivumelwano nokhokho babo engabakhipha eGibhithe phambi kwezizwe, ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguSimakade.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 kepha ngenxa yabo ngiyakukhumbula isivumelwano sawokhokho babo engabakhipha ezweni laseGibithe emehlweni ezizwe ukuba ngibe nguNkulunkulu wabo; nginguJehova.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Kodwa ngizakhumbula ngenxa yabo isivumelwano sawokhokho babo engasikhupha elizweni leGibhithe phambi kwamehlo ezizwe ukuthi ngibe nguNkulunkulu kubo; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:45
26 Referans Kwoze  

NginguSimakade uNkulunkulu wenu, owanikhipha eGibhithe ukuninika iKhanani, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu.


Nokho ngayeka ukukwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe ababephakathi kwazo, engazazisa kuzo bebuka, ngokubakhipha eGibhithe.


owanikhipha eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; nginguSimakade.”


Uma-ke isiphambeko siletha ingcebo emhlabeni, nokwehluleka kwabo kuletha ingcebo kwabezizwe, kuyoba kangakanani ngokuphelela kwabo.


Ngakwenza lokho ngenxa yegama lami, ukuba lingangcoliswa phambi kwezizwe engabakhipha zizibonela ngawazo.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”


UNkulunkulu wakuzwa ukububula kwabo, wayesesikhumbula isivumelwano ayesenze no-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.


Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


bese ngikhumbula isivumelwano sami phakathi kwami nani nazo zonke izilwane ngezinhlobo zazo. Izikhukhula zingabe zisaphenduka uzamcolo wokucekela phansi konke okuphilayo.


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


NginguSimakade owakukhuphula eGibhithe, ukuze ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba Mina ngingcwele.


USimakade uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayukukushiya, akayukukubhubhisa, futhi akayukusikhohlwa isivumelwano asifunga kokhokho bakho.


Ngalobo busuku, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu ka-Abhrahama uyihlo. Ungesabi, ngokuba nginawe, ngizakukubusisa, ngenze isizukulwane sakho sibe siningi kakhulu ngenxa ka-Abhrahama inceku yami.”


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


Khumbula izinceku zakho u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, ububi babo, nesono sabo,


Ngenxa yabo wasikhumbula isivumelwano sakhe, wabaphendula ngokobuningi bomusa wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite