Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:44 - IsiZulu 2020

44 Kepha nalapho besesezweni lezitha zabo angiyukubalahla, angiyukunengwa yibo ukuba ngingaze ngibaqothule, ngephule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguSimakade uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Kepha uma kunjalo, sebekhona ezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, nginganengwa yibo, ukuze ngibaqothule, ngisaphule isivumelwano sami nabo, ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wabo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Kepha nokho, uma besezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, angiyikunengwa ngabo, ngokubashaya ngesiqalekiso, ngaphule isivumelwano sami nabo; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:44
20 Referans Kwoze  

UNkulunkulu akasilahlile isizwe sakhe ayesazi phambilini. Kanti anazi yini ukuthi uthini umbhalo ngo-Eliya lapho enxusa uNkulunkulu emelene no-Israyeli na?


Nokho ngomusa wakho omkhulu, awubabhubhisanga, futhi awubalahlanga, ngokuba unguNkulunkulu onesihawu nomusa.


Ngokuba uSimakade akayukubalahla abantu bakhe, nefa lakhe akayukulishiya.


USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


Kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela uMhlangulisi eZiyoni, asuse ukungalungi kuJakobe.


Kepha Mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe, sasemihleni yobusha bakho, bese ngikumisela isivumelwano saphakade.


bengiyakubalahla abozalo lukaJakobe nabolukaDavide, inceku yami, ngingathathi ozalweni lwakhe ababusi bozalo luka-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe. Ngiyakuguqula ukuthunjwa kwabo futhi ngibahawukele.’ ”


ngokuba Mina nginawe,’ kusho uSimakade. ‘Ngiyakukusindisa, ngiziqede nya zonke izizwe engikuhlakazele kuzo, kodwa wena angiyukukuqeda. Ngiyakukuyala ngobulungiswa, angiyukukuyeka ngingakujezisi.’


Ungasideleli ngenxa yegama lakho, ungaseyisi isihlalo sobukhosi sodumo lwakho; sikhumbule, ungasephuli isivumelwano sakho nathi.


Kepha umusa wami angiyukuwususa kuye, ngingaphikisi ukuthembeka kwami.


Ngiyakubeka ithabanakeli lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyukuninenga.


Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade.


Ngiyakumisa isivumelwano esiphakade phakathi kwami nawe, nezizukulwane zakho, ngibe nguNkulunkulu wakho nowazo.


Benqaba ukukulalela, abaze bazikhumbula izimangaliso owazenza phakathi kwabo, kepha baqinisa amakhanda, bazimisela ukubuyela ebugqileni. Kodwa Wena unguNkulunkulu othethelelayo; onomusa nesihe, uyephuza ukuthukuthela, ugcwele isihawu, ngakho-ke awuzange ubalahle,


Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo.


“Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalawa makhiwane amahle ngiyakubabheka kanjalo abathunjwa bakwaJuda, engibasusile kule ndawo, baya ezweni lamaKhaledi.


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite