Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:37 - IsiZulu 2020

37 Bayakukhubeka omunye ekhutshwa ngomunye kungathi babalekela inkemba, kodwa kube kungekho muntu obaxoshayo. Aniyukuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Bayakukhubeka, omunye phezu komunye, kungathi kuphambi kwenkemba, bengaxoshwa muntu; aniyikuba namandla okuma phambi kwezitha zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Bayowela omunye komunye njengenkemba, kungekho obaxoshayo; futhi ngeke nibe namandla okuma phambi kwezitha zenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:37
12 Referans Kwoze  

Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Noma beningayibhubhisa yonke impi yamaKhaledi alwa nani, kusale kuphela izinkubela kubo, zona beziyakuvuka, kube yileyo naleyo ethendeni layo, ziwushise ngomlilo lo muzi.”


Maningacashi phakathi kwabathunjiweyo, noma phakathi kwababuleweyo, ngoba kukho konke lokhu, ulaka lukaSimakade alukabohli, nangesandla sakhe usashaya.


Ngesikhathi eshaya amacilongo angama-300, uSimakade wenza ukuba izitha zibulalane zodwa, yonke impi yesitha; impi yabaleka yaze yayofika eBhethi Shitha ngaseZerera, nasemngceleni wase-Abhela Mehola ngaseThabhathi.


Ningenyuki, ngokuba uSimakade akayukuba khona phakathi kwenu, niyokwehlulwa yizitha zenu.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Ngakho usho kanje uSimakade, uthi: “Ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bayakukhubeka kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe nomngani wakhe.”


Uyakukhubekisa izindimbane, yebo, bayakuwa omunye ewela phezu komunye, bathi: ‘Vukani, masibuyele kwabakithi, ezweni esidabuka kulo; sibaleke enkembeni yomcindezeli.’


Abagibeli bamahhashi bayawagadulisa, kumenyezela inkemba, kunyazime ukhonto, baningi ababuleweyo nezindumbu ezidindilizile, akukho ukuphela kwezidumbu; abantu bayakhubeka ngezidumbu zabo,


AmaFilisti azihlela ukuze atholane phezulu no-Israyeli. Impi yabambana kwashunqa uthuli isikhathi eside. AmaFilisti amnqoba u-Israyeli, kwasala enkundleni abantu ababalelwa ezi-4 000.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite