Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:34 - IsiZulu 2020

34 Ngaleso sikhathi izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lisele liyincithakalo, nina niyobe nisezweni lezitha zenu ngaleso sikhathi; izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Khona izwe liyakuthokoza ngamasabatha alo ngesikhathi lihlezi lichithekile, nina nisekhona ezweni lezitha zenu; khona izwe liyakuphumula, lithokoze ngamasabatha alo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Khona-ke izwe liyojabulela amasabatha alo ngesikhathi liseyincithakalo, nina nisezweni lezitha zenu; nalapho izwe liyophumula, lijabulele amasabatha alo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:34
7 Referans Kwoze  

ukuba ligcwaliseke izwi likaSimakade ngomlomo kaJeremiya, ukuze izwe laneliseke ngamasabatha alo. Ngazo zonke izikhathi, liyakuba yincithakalo liphumule kuze kuphele iminyaka engama-70.


Bayakulishiya izwe, lithokoze ngamasabatha alo lisahlezi liyincithakalo, kungekho muntu kulo. Bona besamukeliswa isijeziso sobubi babo, ngokuba balahla izehlulelo zami, umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.


Unyaka wama-50 niyakuwungcwelisa, nimemezele ukukhululeka kwazo zonke izakhamuzi. Kuyakuba ngunyaka wejubhili kini, niyakubuyela, kube yilowo nalowo efeni lakhe, yilowo nalowo abuyele emndenini wakubo.


Ngesikhathi lihlezi liyincithakalo liyakuphumula, ukuphumula elingakutholi ngamasabatha enu, lapho nihlezi kulo.


“Uma bona kuwe ngokuba akukho muntu ongoniyo, bese ubathukuthelela, ubanikele esitheni, bathunjwe, bayiswe ezweni lesitha esibathumbileyo, elikude noma eliseduze,


“Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo nakumakhelwane wakhe. Bhekani, ngizakumemezela ukukhululeka kini, kusho uSimakade. Ngizokhulula inkemba, ubhubhane nendlala; nginenze nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite